Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/07 k. 4
  • Ongakusho Ngomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ongakusho Ngomagazini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • Ongase Ukusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
km 11/07 k. 4

Ongakusho Ngomagazini

INqabayokulinda Nov. 15

“Sonke sifuna ukuphila ukuphila okujabulisayo nokunenjongo. Uyavumelana yini nala mazwi ashiwo uJesu ngesihluthulelo senjabulo? [Funda uMathewu 5:3, bese ulindela impendulo.] Lo magazini uchaza indlela ukwanelisa isidingo esazalwa naso nesiyisisekelo sokukhulekela uNkulunkulu okwenza ngayo ukuphila kwethu kube nenjongo.”

Phaphama! Nov.

“Kule nkathi esiphila kuyo yesayensi nokungabaza izinto eziningi, abantu abaningi bacabanga ukuthi iBhayibheli liphelelwe isikhathi. Wena uthini ngalokho? [Lindela impendulo.] Bewazi yini ukuthi yonke into eseBhayibhelini ekhuluma ngesayensi inembile? [Funda uJobe 26:7.] Le Phaphama! ekhethekile inezizathu ezishaya emhlolweni zokwethemba iBhayibheli.”

INqabayokulinda Nov. 15

“Ubungawuphendula kanjani lo mbuzo? [Funda umbuzo osesembozweni, bese ulindela impendulo.] Kuyinjongo kaNkulunkulu ukwenza isintu sibe munye. [Funda iHubo 46:8, 9.] Lo magazini usitshela lokho okushiwo iBhayibheli ngendlela ubunye obuyofinyelelwa ngayo.”

Phaphama! Dec.

“Abanye abantu bacabanga ukuthi ukufa kuyibhuloho eliyisa ekuphileni kwangemva kokufa; abanye bakholelwa ukuthi ukufa kuwukuphela kwayo yonke into. Ucabanga ukuthi kufanele sikwesabe ukufa? [Lindela impendulo.] Phawula indlela uJobe azizwa ngayo lapho ebhekene nokufa. [Funda uJobe 14:14, 15.] Lo magazini unikeza incazelo yeBhayibheli ecacile ngalokho okwenzeka kithi lapho sifa.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela