Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda Nov. 15
“Sonke sifuna ukuphila ukuphila okujabulisayo nokunenjongo. Uyavumelana yini nala mazwi ashiwo uJesu ngesihluthulelo senjabulo? [Funda uMathewu 5:3, bese ulindela impendulo.] Lo magazini uchaza indlela ukwanelisa isidingo esazalwa naso nesiyisisekelo sokukhulekela uNkulunkulu okwenza ngayo ukuphila kwethu kube nenjongo.”
Phaphama! Nov.
“Kule nkathi esiphila kuyo yesayensi nokungabaza izinto eziningi, abantu abaningi bacabanga ukuthi iBhayibheli liphelelwe isikhathi. Wena uthini ngalokho? [Lindela impendulo.] Bewazi yini ukuthi yonke into eseBhayibhelini ekhuluma ngesayensi inembile? [Funda uJobe 26:7.] Le Phaphama! ekhethekile inezizathu ezishaya emhlolweni zokwethemba iBhayibheli.”
INqabayokulinda Nov. 15
“Ubungawuphendula kanjani lo mbuzo? [Funda umbuzo osesembozweni, bese ulindela impendulo.] Kuyinjongo kaNkulunkulu ukwenza isintu sibe munye. [Funda iHubo 46:8, 9.] Lo magazini usitshela lokho okushiwo iBhayibheli ngendlela ubunye obuyofinyelelwa ngayo.”
Phaphama! Dec.
“Abanye abantu bacabanga ukuthi ukufa kuyibhuloho eliyisa ekuphileni kwangemva kokufa; abanye bakholelwa ukuthi ukufa kuwukuphela kwayo yonke into. Ucabanga ukuthi kufanele sikwesabe ukufa? [Lindela impendulo.] Phawula indlela uJobe azizwa ngayo lapho ebhekene nokufa. [Funda uJobe 14:14, 15.] Lo magazini unikeza incazelo yeBhayibheli ecacile ngalokho okwenzeka kithi lapho sifa.”