Kwakhiwé Izinhlangano Ezintsha
INqabayokulinda ka-January 15, 2001, yabika ngendlela ehlelekile oFakazi BakaJehova abaqhubekela phambili ngayo nomsebenzi woMbuso emhlabeni wonke. Yabuye yachaza futhi indlela izinhlangano ezingokomthetho ezisetshenziswa ngayo njengamathuluzi okusheshisa ukusakazwa kwezindaba ezinhle. Izinhlangano ezinjalo zibalulekile ukuze sivumelane nemithetho yendawo neyezwe, njengoba kufunwa yiZwi likaNkulunkulu. (Roma 13:1) Ngenxa yobungako nokwahlukahluka komsebenzi wethu, iNdikimba Ebusayo iye yavumela ukuba kwakhiwe ezinye izinhlangano ezengeziwe ukuze kunakekelwe izidingo ezithile zoFakazi BakaJehova e-United States. ENingizimu Afrika nakwamaningi amazwe angomakhelwane sesinazo kakade izinhlangano ezingokomthetho ezisebenzayo, njengalezi:
Jehovah’s Witnesses of South Africa
Jehovah’s Witnesses Botswana
Lesotho Association of Jehovah’s Witnesses
Jehovah’s Witnesses of Namibia
Swaziland Association of Jehovah’s Witnesses
Lezi zisebenzisana ne-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania. Esikhathini esizayo, izincwadi eziningi ezibhalelwa amabandla nabamemezeli ziyobhalwa ukuthi, “Jehovah’s Witnesses of South Africa.” Lapho nishayela igatsha ucingo, ophendula izingcingo uyokuthi “Jehovah’s Witnesses.” Lokhu kusichaza ngegama lethu elifanele. Kuyokwaziswa kakhulu ukubambisana kwenu nalokhu kulungisa okwenziwe yiNdikimba Ebusayo ekufezeni isabelo sayo sokunakekela konke okungokweNkosi yayo.—Math. 24:45-47.