Okusenza Sithande Yonke Inhlangano Yabafowethu
Ezweni lanamuhla elingenaluthando, singalugcina kanjani luvutha uthando lwethu ngabafowethu abangokomoya? (1 Pet. 2:17) Singababonisa kanjani abanye ukuthi nembala bukhona ubuzalwane bethu bangempela, bembulunga yonke? (Math. 23:8) Ngokusebenzisa i-video ethi Our Whole Association of Brothers. Ibonisa izizathu ezenza ukuba sithandane. Ake uzihlole ukuthi ungayiphendula yini le mibuzo:
(1) Imiphi imisebenzi emithathu esihlanganisa nabazalwane bethu emhlabeni wonke? (2) Abafowethu bakubonisa kanjani ukuzimisela kwabo ukushumayela (a) ehlane lase-Alaska, (b) emathekwini amakhulu aseYurophu (c) nakodukathole bamahlathi asePeru? (3) Yiliphi ithuluzi lokufakaza eliphumelela kakhulu? (4) Kungani kungafanele sibe nomuzwa wokuthi ukushumayela kuwumsebenzi nje ovamile? (5) Nikeza izibonelo zezindlela oFakazi BakaJehova abaye baduduzana futhi basekelana ngazo ezikhathini zobunzima—lapho kunokuzamazama komhlaba, iziphepho, nezimpi zombango. (Bheka okwashiwo uTakao ekhasini 23 le-Phaphama! ka-August 22, 1995 noKotoyo ekhasini 20 le-Phaphama! ka-October 22, 1996) (6) Singalubonisa ngaziphi izindlela ezingokoqobo uphawu olukhulu lobuzalwane bethu bobuKristu? (Joh. 13:35) (7) Kufanele siyazise kangakanani imihlangano yethu yebandla? (8) Ukuba neHholo LoMbuso abahlanganyela kulo kubathinta kanjani labo ababengakaze babe nalo ngaphambili? (9) Abafowethu baseMpumalanga Yurophu naseRussia baqhubeka kanjani bephila ngokomoya ngesikhathi bevinjelwe? (10) Ngisho kwamanje, imuphi umzamo ophawulekayo owenziwa oFakazi abaningi ukuze babe khona emihlanganweni emikhulu, futhi ngani? Lokhu kuye kwayithinta kanjani inhliziyo yakho? (11) Kungani uzimisele ukukhulekela nabanye ngobunye, ukusiza abanye lapho beswele, nokushumayela ngokwethembeka noma nini nanganoma iyiphi indlela ongakwazi ngayo? (12) Kungani kungaba kuhle ukuba nale video futhi uyibonise abantu abathakazelayo abaningi ngangokunokwenzeka?