Isimiso Esisha SoMhlangano Wesifunda
1 Ukuze sime siqinile okholweni ezweni elingazinzile, kumelwe sithembele kuJehova. Lokhu kusho ukuthini ngempela? Ukuthembela kuJehova kukuthinta kanjani ukuphila kwethu nokwemikhaya yethu? Kusisiza kanjani ukuba simelane nethonya lezwe likaSathane? Isimiso somhlangano wesifunda sonyaka wenkonzo ka-2003 siyayiphendula le mibuzo. Isihloko sawo sithi “Themba KuJehova, Wenze Okulungileyo.”—IHu. 37:3.
2 Akumelwe sithembele kuJehova ngezikhathi ezithile ezikhethekile noma ngezikhathi zobunzima kuphela. Kumelwe sithembele kuye ekuphileni kwethu kwansuku zonke. Lokhu kugcizelelwa enkulumweni evula isimiso ethi “Thembela KuJehova Ngazo Zonke Izikhathi.” (IHu. 62:8) Uchungechunge olunezinkulumo ezine olunesihloko esithi “Ukubonakalisa Ukuthembela KuJehova” luyosibonisa indlela yokuthola nokusebenzisa ulwazi olusekelwe eBhayibhelini olungasisiza ukuba sakhe imishado ephumelelayo, sisingathe izinkinga eziphakamayo ekhaya, futhi sanelise izidingo zethu zezinto ezibonakalayo.
3 Izwe likaSathane lizama ukusigxisha ngombono osontekile ngokuqondene nokuthi yikuphi okulungile nokubi, nokusidida ngokuqondene nokuthi yikuphi okubalulekile nokungabalulekile. (Isaya 5:20) Inkulumo enesihloko esithi “Xwaya Izinto Eziwubala Ekuphileni” nethi “Gwemani Okubi Nibe Abenzi Bokuhle” ziyoqinisa ukuzimisela kwethu ukubambelela ezindinganisweni zikaJehova eziphakeme.—Amose 5:14.
4 Lapho uJehova ebhubhisa lesi simiso esibi sezinto, izinceku zikaNkulunkulu kuyodingeka zithembele kuye ngokugcwele. Lokhu kuqokonyiswa yinkulumo yeningi enesihloko esithi “Ukukhululwa Osizini Lwezwe Kuseduze.” Ngemva kwalokho, inkulumo ethi “Ingabe Uyotholwa Uwufanelekela UMbuso KaNkulunkulu?” iyosikhuthaza ukuba sizihlole. Isimiso siphetha ngesikhuthazo esithi “Thembela Ezithembisweni ZikaJehova.”
5 Isici esivelele sayo yonke imihlangano yinkulumo yobhapathizo. Bonke abafisa ukubhapathizwa kufanele batshele umbonisi owengamele ngokushesha ngangokunokwenzeka ukuze kwenziwe amalungiselelo adingekayo.
6 Kulezi zikhathi ezingaqinisekile, uJehova uwukuphela komthombo wangempela wethemba nokuzinza. (IHu. 118:8, 9) Kwangathi sonke singaqinisa ukumethemba kwethu ngokuba khona kuso sonke isimiso somhlangano wesifunda.