Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/02 k. 8
  • Ongase Ukusho Ngomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ongase Ukusho Ngomagazini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
km 11/02 k. 8

Ongase Ukusho Ngomagazini

Phaphama! Nov. 8

“Ngokungangabazeki uyazi ngobhadane lomhlaba wonke lwengculaza. Bewazi yini ukuthi muva nje lesi sifo sihlasele kakhulu lapha ezweni lakithi laseNingizimu Afrika kunakwamanye amazwe? Ngingathanda ukukubonisa ikhambi uNkulunkulu asinikeza lona kule nkinga. [Funda isAmbulo 21:4, 5.] Le Phaphama! idingida ubhadane lwengculaza nalokho uNkulunkulu azokwenza ukuze aqede ingculaza kanye nazo zonke ezinye izifo nezinkinga emhlabeni.”

INqabayokulinda Nov. 15

“Abanye baye bazibuze ukuthi siyawadinga yini amasonto namathempeli ukuze sikhulekele uNkulunkulu. Ucabangani? [Lindela impendulo.] Phawula lokho iBhayibheli elikushoyo ngale ndaba. [Funda izEnzo 17:24.] Pho-ke, iyiphi injongo okufanele ifezwe yizindawo zokukhulekela? Lo magazini unikeza impendulo engokomBhalo yalowo mbuzo.”

INqabayokulinda Dec. 1

“Kulezi zinsuku, cishe bonke abantu bakuthola kunzima ukuhlangabezana nezidingo zezimali. Kunjalo nangamasonto, futhi aye aphikelela ecela izimali. Ingabe ukuthola kuphazamisa lokho? [Lindela impendulo. Yibe usufunda eyoku-1 Thesalonika 2:9.] Le Nqabayokulinda icabangela lokho okushiwo yiBhayibheli ngalolu daba.”

Phaphama! Dec. 8

“Ngenxa yezinsongo zobuphekula, abaningi bayazibuza ukuthi kuphephile yini ukuhamba ngendiza. Ingabe kuyakukhathaza lokhu? [Lindela impendulo.] IBhayibheli liyavuma ukuthi akekho ogonyiwe ekubhekaneni neshwa. [Funda umShumayeli 9:11.] Nokho, le Phaphama! ibonisa indlela ongakuthuthukisa ngayo ukuphepha kwakho nokunethezeka lapho uhamba ngendiza.”

“Ucabanga ukuthi isayensi iyoke ikuqede ukugula nezifo? [Lindela impendulo.] Le Phaphama! ihlola enye yentuthuko eye yenziwa emkhakheni wesayensi. Ibonisa nokuthi kungani kunguMdali kuphela onamandla okuqeda ukugula nokufa.” Funda iHubo 146:3-5 bese uhambisa umagazini.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela