Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 2/03 k. 8
  • Yini Ebaluleke Kakhulu Kuwe?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Ebaluleke Kakhulu Kuwe?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Uyifeza Ngokugcwele Inkonzo Yakho?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • Inkonzo YobuKristu—Ngumsebenzi Wethu Oyinhloko
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • “Qhubeka Uqaphela Inkonzo Owayamukela ENkosini”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Into Eza Kuqala Kithi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
km 2/03 k. 8

Yini Ebaluleke Kakhulu Kuwe?

1 Izinhlangano eziningi zenkolo zigcizelela kakhulu izenzo zokusiza umphakathi, ezinjengokwakha izikole noma imitholampilo. Nokho, okubaluleke kakhulu koFakazi BakaJehova ukusiza abantu ngokomoya, nakuba bengakukhohlwa “ukwenza okuhle nokupha abanye izinto.”—Heb. 13:16.

2 Isibonelo Sangekhulu Lokuqala: Miningi imisebenzi emihle eyenziwa uJesu phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, kodwa umsebenzi wakhe oyinhloko kwakungowokufakazela iqiniso. (Luka 4:43; Joh. 18:37; IzE. 10:38) Wayala abalandeli bakhe ukuba ‘bahambe bayokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, . . . babafundise.’ (Math. 28:19, 20) Futhi wabonisa ukuthi labo ababeyoba nokholo kuye babeyowenza ngezinga elikhulu kakhulu umsebenzi ayewuqalile. (Joh. 14:12) UJesu wayebheka umsebenzi wokushumayela njengobaluleke kakhulu ngoba usiza abantu bazi indlela yokusindiswa.—Joh. 17:3.

3 Umphostoli uPawulu wabheka umsebenzi wakhe wokushumayela ‘njengesidingo,’ imfuneko ayengenakuyishalazelela. (1 Kor. 9:16, 17) Wayezimisele ukuzidela nganoma iyiphi indlela, ukukhuthazelela noma iluphi uvivinyo, noma ukubhekana nanoma ibuphi ubunzima okwakudingeka abhekane nabo ukuze afeze inkonzo yakhe. (IzE. 20:22-24) Umphostoli uPetru nabangane bakhe babonisa umoya ofanayo. Ngisho nalapho beboshwa futhi beshaywa, “baqhubeka ngaphandle kokuyekethisa, befundisa futhi bememezela izindaba ezinhle ngoKristu, uJesu.”—IzE. 5:40-42.

4 Kuthiwani ngathi? Ingabe ubaluleke kakhulu kithi umsebenzi wokumemezela izindaba ezinhle zoMbuso nokwenza abafundi? Ingabe, njengoJesu, sibakhathalela ngempela labo ‘abaphundlekile futhi abahlakazeke njengezimvu ezingenamalusi’? (Math. 9:36) Izenzakalo zezwe zanamuhla neziprofetho zeBhayibheli zikubonisa ngokucacile ukuthi lesi simiso esibi siphelelwa isikhathi! Ukukhumbula njalo ukuthi ubalulekile umsebenzi wokushumayela kuyosenza siqhubeke sishumayela ngentshiseko.

5 Hlola Izimo Zakho: Njengoba izimo zomuntu zishintsha njalo, kuhle ukulokhu sibheka ukuthi kukhona yini lapho singalungisa khona ukuze sihlanganyele kakhudlwana emsebenzini wokushumayela. Omunye udade wayeba iphayona elivamile ngawo-1950, 1960, nangawo-1970 kodwa wakuthola kudingekile ukuba ayeke ngenxa yempilo ebuthaka. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi impilo yakhe yaba ngcono. Muva nje uphinde wahlola kabusha izimo zakhe wanquma ukuthi angaphinda futhi aphayone. Yeka ukuthi kwamjabulisa kanjani ukuya eSikoleni Senkonzo Samaphayona eseneminyaka engu-90 ubudala! Wena-ke? Ingabe usuzothatha umhlalaphansi noma usuzophothula esikoleni? Ingabe izimo zakho ezishintshile zingakuvumela ukuba uphayone?

6 Lapho uJesu eqaphela ukuthi uMarta ‘wayephazanyiswa izinto eziningi,’ wasikisela ngomusa ukuthi wayeyothola izibusiso ezinkulu uma egcina izinto zilula. (Luka 10:40-42) Ungayenza yini indlela yakho yokuphila ibe lula? Kuyadingeka ngempela yini ukuba indoda nomfazi basebenze bobabili? Uma kungenziwa ushintsho, ingabe umkhaya ungaphila ngeholo lomuntu oyedwa? Baningi abazuzile ngokomoya ngokushintsha izimo zabo ukuze bahlanganyele kakhudlwana enkonzweni.

7 Kwangathi sonke singalandela isibonelo esabekwa uJesu nabaphostoli! Singaqiniseka ukuthi uJehova uyoyibusisa imizamo yethu eqotho yokuhlanganyela ngokugcwele kulo msebenzi obalulekile wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso.—Luka 9:57-62.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela