Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 7/10 k. 1
  • Into Eza Kuqala Kithi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Into Eza Kuqala Kithi
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Uyifeza Ngokugcwele Inkonzo Yakho?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • Yini Ebaluleke Kakhulu Kuwe?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • ‘Landela Izinyathelo Zakhe Eduze’
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • Inkonzo YobuKristu—Ngumsebenzi Wethu Oyinhloko
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
km 7/10 k. 1

Into Eza Kuqala Kithi

1. UJesu wabonisa kanjani ukuthi inkonzo yayibalulekile kuye?

1 Inkonzo yayiza kuqala kuJesu. Wayezikhandla, ehamba amakhulukhulu amakhilomitha kulo lonke elasePalestina eshumayela kubantu abaningi ngangokunokwenzeka. Wagcina ukuphila kwakhe kulula ukuze achithe isikhathi namandla athé xaxa enkonzweni. (Math. 8:20) Lapho izixuku zizama ukumbambezela ukuze elaphe abagulayo, wathi: “Nakweminye imizi kumelwe ngishumayele izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu, ngoba yilokhu engathunyelwa kona.”—Luka 4:43.

2. Kungani inkonzo yayibaluleke kangaka kuJesu?

2 Kungani inkonzo yayibaluleke kangaka kuJesu? Into eyinhloko ayeyikhathalela kwakuwukungcweliswa kwegama likaJehova. (Math. 6:9) Wayemthanda uYise wasezulwini ngakho wayefisa ukufeza intanto yaKhe futhi alalele yonke imiyalo yaKhe. (Joh. 14:31) Ngaphezu kwalokho, wayebakhathalela ngempela abantu futhi efuna ukubasiza.—Math. 9:36, 37.

3. Singabonisa kanjani ukuthi umbono wethu ugxile enkonzweni?

3 Lingisa UJesu: Ukulondoloza umbono ofana nokaJesu kungaba inselele ngenxa yokuthi kuningi okwenzeka ezweni okudinga isikhathi sethu futhi lineziphazamiso eziningi. (Math. 24:37-39; Luka 21:34) Ngakho-ke, kumelwe siqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhudlwana, sihlele isikhathi sokulungiselela umsebenzi wokushumayela nokuhlanganyela kuwo njalo. (Fil. 1:10) Sizama ukulondoloza ukuphila okulula futhi sigweme ukusebenzisa izwe ngokugcwele.—1 Kor. 7:31.

4. Kungani kubalulekile ukuhlela izinto eziza kuqala manje?

4 Uma isikhathi sisincane, umuntu ohlakaniphile uyahlela ukuthi yini eza kuqala. Ngokwesibonelo, uma ezwa ukuthi kunesiphepho esiyingozi esisondelayo, uchitha isikhathi sakhe namandla enza amalungiselelo azokwenza umkhaya wakhe uphephe futhi axwayise nomakhelwane. Imisebenzi engabalulekile kakhulu ibekelwa eceleni. Isikhathi esisele ngaphambi kokuba kufike isiphepho se-Armagedoni sinciphile. (Zef. 1:14-16; 1 Kor. 7:29) Ukuze sizisindise thina nalabo abasilalelayo, kumelwe siziqaphele njalo nokufundisa kwethu, kungakhathaliseki ukuthi kusebandleni noma ngaphandle. (1 Thim. 4:16) Yebo, ukusinda kwethu kuxhomeke ekugcineni inkonzo iza kuqala ekuphileni kwethu!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela