UJehova Kumelwe Adunyiswe Kakhulu
ISidlo SeNkosi Sakusihlwa Sizogujwa Ngo-April 16
1 Siwubheke ngabomvu umhla ka-16 ku-April, 2003 njengoba usondela. Ngalobo busuku sizogubha ukufa kukaJesu, sihlanganyele nezigidi zabanye esikhulekela nabo emhlabeni wonke ekukhazimuliseni igama likaJehova. UJehova ufanelwe yilo lonke udumo oluvela kithi ngenxa yelungiselelo elihle lesihlengo. Ngaleli lungiselelo uyothululela sonke isintu esilalelayo izibusiso ezimangalisayo. Simemeza kanye nomhubi ngenhliziyo yonke sithi: “UJehova mkhulu futhi kumelwe adunyiswe kakhulu.”—IHu. 145:3.
2 Lesi isikhathi sokuzindla ngobuhle bukaNkulunkulu nangokuthi kumelwe simbonge uJehova ngokuthumela “iNdodana yakhe ezelwe yodwa ezweni ukuze sizuze ukuphila ngayo.” (1 Joh. 4:9, 10) Ukubonisa ukulalela ngokugubha iSidlo SeNkosi Sakusihlwa kugcizelela ezinhliziyweni zethu ukuthi “uJehova unomusa futhi unesihe . . . futhi mkhulu ngomusa wothando.” (IHu. 145:8) Ngempela, isihlengo siyisenzo sikaJehova sothando esikhulu kunazo zonke asenzele sonke isintu. (Joh. 3:16) Uma sicabanga ngothando lukaNkulunkulu futhi sizindla ngenkambo kaJesu yokugcina ubuqotho ngokwethembeka, sishukumiseleka ukuba simdumise uJehova. Siyomdumisa kuze kube phakade ngenxa yothando lwakhe olungenamingcele alubonise ngokwenza ukuba sikwazi ukuthola ukuphila okuphakade.—IHu. 145:1, 2.
3 Siza Abanye Badumise UJehova: Ukwazisa ngalesi sipho sikaNkulunkulu sesihlengo esizedlula zonke kusenza simeme abanye ukuba badumise uJehova kanye nathi. Umhubi waphefumulelwa ukuba abhale athi: “Bayokhuluma ngokuchichimayo ngobukhulu bobuhle bakho, futhi bayokhamuluka ngenjabulo ngenxa yokulunga kwakho.” (IHu. 145:7) Ngonyaka odlule kuphela, oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke basebenza amahora angaphezu kwesigidi beshumayela. Waba yini umphumela wale mizamo yabo? Isonto ngalinye, kwabhapathizwa isilinganiso sabantu abangaphezu kuka-5 100 bebonisa ukuthi bazinikezele kuJehova. Njengoba kwaba khona abangu-15 597 746 eSikhumbuzweni, kuhlanganise nabangaphezu kwezigidi ezingu-9 abangakaqali ukudumisa uJehova njengabamemezeli bezindaba ezinhle, kukhulu ukwanda okusengenzeka! Njengabamemezeli boMbuso, siyalazisa ilungelo lethu lokumemezela izindaba ezinhle futhi siphendulele izinhliziyo zabanye kuJehova, eNdodaneni yakhe naseMbusweni.
4 Enye indlela enhle yokukhuthaza abanye ukuba badumise uJehova ukubamema ukuba babe kanye nathi lapho sigubha iSidlo SeNkosi Sakusihlwa. Usulwenzile uhlu lwalabo ofuna ukubamema nalabo abangase badinge ukukhunjuzwa usuku nesikhathi? Usubamemile bonke abasohlwini lwakho? Uma ubungakabamemi, qikelela ukuthi uyabamema kulesi sikhathi esisele. Basize baqonde isizathu salo mkhosi. Lapho ususeSikhumbuzweni, kuphaphamele ukubingelela abavakashile. Benze bazizwe bamukelekile, ubethule kwabanye futhi ubatuse ngokuba khona.
5 Ukuba khona eSikhumbuzweni kungase kushukumise abasanda kuhlanganyela ukuba bathuthuke ngokomoya. Omunye osafundelwa okuthola kunzima ukuba phakathi kwabantu ngenxa yokucindezeleka kwangemva kwesenzakalo esibuhlungu, waba khona eSikhumbuzweni. Lapho ebuzwa ukuthi ucabangani ngalo mhlangano, wathi: “Bekuwubusuku obungcwele kunabo bonke, futhi ngiyajabula ukuthi bengikhona.” Kusukela ngaleso sikhathi waqala ukuba khona emihlanganweni.
6 Ngemva KweSikhumbuzo: Yini engenziwa ukuze kusizwe laba bantu abathakazelayo babe abadumisi bakaJehova? Abadala bayophawula abasha abakhona eSikhumbuzweni bese benza amalungiselelo okuba abamemezeli abafanelekayo babavakashele ngokushesha ukuze babukeze izinto ezinhle abazifundile nabazibonile. Abanye bangase bathande ukuba nesifundo seBhayibheli sasekhaya. Kufanele bamenywe nokuba babe khona kuyo yonke imihlangano yebandla yamasonto onke, ngoba ukuba khona njalo kungandisa ulwazi lwabo lweBhayibheli.
7 Kumanje kwenziwa amalungiselelo okukhuthaza bonke abangabi khona njalo nasebepholile ukuba babe khona njalo emihlanganweni. Uma abadala bekucela ukuba usize othile osepholile aphinde ahlanganyele enkonzweni yasensimini, zimisele ukusiza. Ukubakhathalela ngothando abafowethu kuvumelana nomyalo womphostoli uPawulu, othi: “Uma nje sinesikhathi esihle sakho, masenze okuhle kubo bonke, kodwa ikakhulukazi kulabo abahlobene nathi okholweni.”—Gal. 6:10.
8 Sengathi sonke singenza umzamo okhethekile wokuba khona eSikhumbuzweni ngo-April 16. Asifuni ukulahlekelwa yilesi senzakalo esingcwele kunazo zonke sokudumisa uJehova. Yebo, manje naphakade, masidumise uJehova ngemisebenzi yakhe emikhulu!—IHu. 145:21.