Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 3/03 kk. 3-6
  • Shisekela Okuhle!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Shisekela Okuhle!
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ‘Shumayela Izwi LikaNkulunkulu Ngokugcwele’
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • ‘Nikeza Ubufakazi Obuphelele Ngezindaba Ezinhle’
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • Qhubeka Ulandisa Ngemisebenzi KaJehova Emangalisayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Singamenza Yini U-April 2000 Abe Inyanga Ekhetheke Kunazo Zonke Kithi?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
km 3/03 kk. 3-6

Shisekela Okuhle!

1 Njengoba siqala inkathi yeSikhumbuzo sika-2003, sinezizathu eziningi ‘zokushisekela okuhle.’ (1 Pet. 3:13) Esikhulu kunazo zonke umhlatshelo wesihlengo kaJesu Kristu. (Math. 20:28; Joh. 3:16) Mayelana naso umphostoli uPetru wabhala wathi: “Anikhululwanga ngezinto ezonakalayo, ngesiliva noma ngegolide, ohlotsheni lwenu lokuziphatha olungenazithelo. . . . Kodwa kwakungegazi eliyigugu, njengalelo lewundlu elingenasici nelingenabala, yebo likaKristu.” (1 Pet. 1:18, 19) Ukubonga ngalokhu kubonakaliswa kothando okungavamile kusiqhubezela ukuba sibe matasa ekwenzeni okuhle, siqaphela ukuthi uJesu “wazinikela ngenxa yethu ukuze asikhulule kuyo yonke inhlobo yokweqa umthetho futhi azihlanzele isizwe okungesakhe kuphela, esishisekela imisebenzi emihle.”—Thithu 2:14; 2 Kor. 5:14, 15.

2 Lapho senza okujabulisayo emehlweni kaNkulunkulu, sijabulela ubuhlobo obuhle naye futhi asivikele ngothando. UPetru wathi futhi: “Lowo othanda ukuphila futhi abone izinsuku ezinhle, . . . makafulathele okubi enze okuhle; makafune ukuthula akuphishekele. Ngoba amehlo kaJehova aphezu kwabalungileyo, nezindlebe zakhe zisekunxuseni kwabo.” (1 Pet. 3:10-12) Kulezi zikhathi ezibucayi akuve kuyisibusiso ukwazi ukuthi uJehova usibhekile futhi ulungele ukusivikela, ‘ukusilonda njengenhlamvu yeso lakhe.’—Dut. 32:10; 2 IziKr. 16:9.

3 Naphezu kokuvivinywa, amaKristu okuqala uPetru ayewabhalela ayegcwele intshiseko eyayingenakudanjiswa, ngakho azimemezela kabanzi ngangokunokwenzeka izindaba ezinhle. (1 Pet. 1:6; 4:12) Kunjalo nanamuhla ngabantu bakaNkulunkulu. Nakuba siphila ‘ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,’ ukwazisa ubuhle bukaJehova kusenza senze intando yakhe ngentshiseko. (2 Thim. 3:1; IHu. 145:7) Ake sibheke eminye yemisebenzi emihle esizoba matasa ngayo kule nkathi yeSikhumbuzo.

4 Memela Abanye ESikhumbuzweni: Enye indlela esingabonisa ngayo ukwazisa kwethu lesi sipho somhlatshelo esiyingqayizivele ukuba khona ekukhunjulweni kwaminyaka yonke kokufa kukaJesu, ngalo nyaka okuzoba ngoLwesithathu, April 16, ngemva kokushona kwelanga. (Luka 22:19, 20) Ngonyaka odlule saba nengqikithi yabangu-15 597 746 yababa khona ababikwa amabandla angu-94 600 emhlabeni wonke! Lelo nani lalilidlula ngo-220 000 inani lababa khona ngonyaka ongaphambili.

5 Bangaki abazoba khona kulo nyaka? Kuzoya kakhulu ngokuthi sikhuthele kangakanani ekukhuthazeni abanye ukuba babe kanye nathi. Qala ngokwenza uhlu lwalabo ongathanda ukubamema. Kulolo luhlu qala ngomkhaya wakho. Uma umyeni wakho noma umkakho engakholwa, mazise ngesifiso sakho esiqotho sokuba naye abe khona. Enye indoda engakholwa yathi yaba khona eSikhumbuzweni ngonyaka odlule ngoba yabona ukuthi ukuba khona kwayo kwakusho okukhulu kangakanani kumkayo. Abalandelayo ohlwini lwakho makube izihlobo, omakhelwane, osebenza nabo, noma ofunda nabo. Qiniseka ukuthi uyazimema izifundo zakho.

6 Lapho usulwenzile uhlu lwakho, hlela isikhathi sokubamema wena mathupha. Sebenzisa amapheshana ezimemo zeSikhumbuzo. Ukuze ubasize bakhumbule ukuthi lo mkhosi uzoba nini futhi kuphi, bhala ngokucacile ekugcineni kwesimemo isikhathi nendawo esizoba kuyo iSikhumbuzo. Njengoba u-April 16 esondela, bakhumbuze mathupha noma ngocingo labo abasohlwini lwakho. Masisize abaningi ngangokunokwenzeka ukuba babe khona kulesi senzakalo esingcwele kunazo zonke.

7 Siza Abeze ESikhumbuzweni: Ubusuku beSikhumbuzo buhlale buyisenzakalo esivusa amadlingozi. Sithola ithuba lokwamukela abantu abangavamile ukuba khona emihlanganweni yethu. Hlela ukufika kusenesikhathi futhi wephuze ukuhamba, uma izimo zendawo zivuma. Yiya wena kuqala kwabasha abakhona wazane nabo. Yiba nomusa.—Rom. 12:13.

8 Bakhona yini kulabo abaseSikhumbuzweni abangasizwa ngesifundo seBhayibheli sasekhaya ukuba bathuthuke kakhudlwana ngokomoya? Lwela ukuthola amagama namakheli abavakashile okungekho muntu obahambelayo njengamanje ukuze ubahambele. Uma besizwa ngothando, abanye babo bangase bathuthuke baze babe abamemezeli abangabhapathiziwe singakafiki iSikhumbuzo sonyaka ozayo. Lapho uhambela abebekhona eSikhumbuzweni, bamemele enkulumweni ekhethekile ezonikezwa ngo-April 27.

9 Ungaba Yini Yiphayona Elisizayo Kulo Nyaka? Unyaka ngamunye ukushisekela kwethu uJehova kusenza sizikhandle ngokugcwele enkonzweni ngezinyanga ezikhethekile. Ngo-March nango-April 2002, abangu-14 186 baba amaphayona asizayo eNingizimu Afrika nasemazweni angaphansi kwegatsha lethu. Leli nani eliphakeme alimane nje liyisibalo kodwa libonisa imizamo ehlanganisiwe yawo wonke amabandla yokushumayela izindaba ezinhle ngentshiseko ngenkathi yeSikhumbuzo.

10 Elinye ibandla elinabamemezeli abangu-107 namaphayona avamile angu-9 labika ukuthi u-April odlule ‘wayeyinyanga evelele,’ ngoba laba nabangu-53 ababa amaphayona asizayo, okwakuhlanganisa bonke abadala nezinceku ezikhonzayo. Abadala bakwakha kanjani ukushisekela ubuphayona obusizayo ngaleyo nyanga? Baqala kusenesikhathi, bakhuthaza bonke ababengabakhuthaza ukuba babhalise. Imihlangano yenkonzo yasensimini yayiqhutshwa ngezikhathi ezahlukene phakathi nosuku ukuze ivumelane nezimo zabo bonke ebandleni. Kwagcizelelwa ngokukhethekile ukuba kushunyayelwe ngocingo, ikakhulukazi labo ababuthaka emzimbeni.

11 Omunye udade oneminyaka engu-86, ongakwazi ukuhamba ngenxa yempilo, wabhalisela ukuba iphayona elisizayo. Wayeqala ekuseni ashumayele ngocingo amahora ambalwa ehlezi etafuleni lasekhishini, aphumule amanye ambalwa, aphinde ashumayele amanye engeziwe. Omunye umuntu akhuluma naye wayeshonelwe umyeni wakhe namadodana akhe amabili ayesengamabhobhodlana eminyakeni emibili eyedlule futhi engaqondi ukuthi kungani uNkulunkulu evumela izinto ezimbi njengalezi zenzeke. Wamnikeza ubufakazi obuhle, kwaqalwa isifundo seBhayibheli. Ukushumayela ngocingo kusihlwa nangezinye izikhathi kuyindlela ephumelelayo yokufinyelela abantu abahlala ezakhiweni noma ezindaweni ezingafinyeleleki. Kwenza nokuba abamemezeli bakwazi ukufinyelela abantu abasuke bengekho emakhaya emini.

12 Abadala baphetha umbiko wabo ngokuthi: “Kwakumnandi kakhulu futhi siyawazisa amalungelo nezibusiso uJehova asiphe zona ngamunye wethu.” Uma ningahlela kahle, ibandla lenu nalo lingazithola lezi zibusiso.

13 Lwelani Ukuba Bonke Bahlanganyele Enkonzweni: Uthando lwethu ngoNkulunkulu nomakhelwane lusishukumisela ukuba inyanga ngayinye sithenge isikhathi sokushumayela izindaba ezinhle kwabanye. (Math. 22:37-39) Ababonisi beziFundo Zencwadi Zebandla nabasizi babo kufanele balwele ukusiza abasemaqenjini abo ukuba bahlanganyele enkonzweni inyanga ngayinye. Indlela enhle yokwenza lokhu ukwenza amalungiselelo kusengaphambili okusebenza enkonzweni nabathile eqenjini. Kunokulinda kuze kube sekupheleni kwenyanga, qalani kusenesikhathi. Lokho kuyoninika amathuba engeziwe okunikeza usizo lothando.

14 Ingabe emaqenjini enu esifundo sencwadi bakhona abamemezeli ababuthaka emzimbeni abanobunzima obukhulu bokuhlanganyela enkonzweni? Uma abanye behlala ezindaweni zokunakekelwa noma bengakwazi ukuphuma emakhaya abo, kuyaqondakala ukuthi amathuba abo okufakaza mancane. Kodwa uma bewasebenzisa kahle lawo mathuba ukuze ukukhanya kwabo kukhanye, bangase bashukumise labo ababona imisebenzi yabo emihle ukuba babe nesithakazelo sangempela eqinisweni. (Math. 5:16) Ababonisi bezifundo zencwadi kufanele baqiniseke ukuthi abanjalo bayazi ukuthi bangayibika inkonzo yabo yasensimini ngemizuzu ehamba ngo-15. Ukukwazi ukubika isikhathi abasisebenzise befakaza kuyabakhuthaza laba bamemezeli abathembekile, futhi kubanika ukwaneliseka. Kusiza nasekuqinisekiseni ukuthi umbiko womhlaba wonke womsebenzi wabantu bakaNkulunkulu unembile.

15 Intsha Ematasa Ekwenzeni Okuhle! Akuve kuqabula ukubona intsha engamaKristu isebenzisa izikhwepha namandla ayo enkonzweni kaJehova! (IzAga 20:29) Uma usemusha, ungakubonisa kanjani ukushisekela kwakho uJehova kulezi zinyanga ezikhethekile?

16 Uma ungakabi ummemezeli ongabhapathiziwe ebandleni, ungalisebenzela yini lelo lungelo? Zibuze le mibuzo elandelayo: ‘Ingabe nginalo ulwazi oluyisisekelo lweqiniso leBhayibheli? Ingabe ngiyafuna ukuhlanganyela enkonzweni yoMbuso? Ingabe ukuziphatha kwami kuyisibonelo? Ingabe ngiyakwazi ukubonisa ukholo lwami ngokukhuluma nabanye ngezindaba ezinhle? Ingabe inhliziyo yami iyangishukumisa ukuba ngenze kanjalo?’ Uma ungayiphendula ngoyebo le mibuzo, khuluma nabazali bakho ngesifiso sakho sokuba ummemezeli. Abazali bakho bangakhuluma nomunye wabadala osekomitini yenkonzo.

17 Uma kakade usungummemezeli wezindaba ezinhle, ingabe ungawasebenzisa amaholide esikole wandise ingxenye yakho enkonzweni? Intsha eningi ebhapathiziwe iye yakwazi ukuba amaphayona asizayo ngokuba nohlelo oluhle nangokusizwa abazali nabanye. Uma lokho kungenakwenzeka, khona-ke zimisele ukwandisa ingxenye yakho enkonzweni yasensimini. Zibekele umgomo. Ngaphezu komgomo wamahora, beka omunye umgomo ohlobene nezinga lenkonzo yakho. Mhlawumbe ungalwela ukufunda umbhalo owodwa endlini ngayinye, ukuthuthukisa izinga lezimpindelo zakho, ukuqala isifundo seBhayibheli, noma ukwandisa inkonzo yakho ukuze ihlanganise nokushumayela ngocingo noma esinye isici senkonzo. Ucabangani ngomgomo wokumemela eSikhumbuzweni salo nyaka umakhelwane, ofunda naye, noma isihlobo? Ukuhlanganyela ngokugcwele emisebenzini engokwasezulwini kuyoba nomvuzo futhi ngokuqinisekile kuyobakhuthaza nabanye ebandleni.—1 Thes. 5:11.

18 Siza Abasanda Kuhlanganyela Ukuba Bathuthuke: Onyakeni wenkonzo odlule, kwaqhutshwa isilinganiso sezifundo zeBhayibheli zasemakhaya ezicishe zibe ngu-90 000 inyanga ngayinye eNingizimu Afrika, eBotswana, eLesotho, eNamibia, eSt. Helena naseSwazini. Ngokuhamba kwesikhathi, abaningi kulaba bafundi bazofinyelela eqophelweni lokuzinikezela futhi babhapathizwe. Nokho, ngaphambi kokuba bafinyelele lowo mgomo, kudingeka sibasize bafanelekele ukuba abamemezeli bezindaba ezinhle. Lesi isinyathelo esibalulekile ekufundiseni abasanda kuhlanganyela ukuba babe abalandeli bakaJesu Kristu. (Math. 9:9; Luka 6:40) Ukhona umuntu omfundisayo oselungele ukuthatha leso sinyathelo?

19 Uma ungaqiniseki ngentuthuko yomuntu omfundisayo, cela usizo kumbonisi wesifundo senu sencwadi noma kumbonisi wenkonzo. Mhlawumbe ungammema ukuba abe khona lapho nifunda. Laba bazalwane banolwazi oluhle olungasiza ekuboneni intuthuko yomfundi engokomoya. Bangase babe namacebiso ayosiza umfundi aqhubeke ethuthuka ngokomoya.

20 Uma umuntu omfundisayo eveza isifiso sokuba ummemezeli ongabhapathiziwe nawe unomuzwa wokuthi uyafaneleka, khuluma nombonisi owengamele. Uyohlela ukuba abadala ababili babonane nawe kanye nomfundi ukuze babone ukuthi uyafaneleka yini, besebenzisa ukwaziswa okusemakhasini 98-9 encwadi ethi Ukuhlelelwa. (Bheka INqabayokulinda ka-November 15, 1988, ikhasi 17.) Uma umfundi evunyelwa ukuba abe ummemezeli, kufanele uqale ngaso leso sikhathi ukumqeqesha. Lapho esewufakile umbiko wenkonzo yasensimini, ibandla liyokwaziswa ukuthi usengummemezeli ongabhapathiziwe. Sithemba ukuthi izinkulungwane zabamemezeli abasha, abancane nabadala, zingalifinyelela leli qophelo elibalulekile ngalezi zinyanga ezikhethekile.

21 Sifeza Okuningi Ngokuhlela: Ukuhlela kusengaphambili kuzoba nomthelela ekuphumeleleni kwemisebenzi yethu engokwasezulwini kule nkathi yeSikhumbuzo. (IzAga 21:5) Ziningi izinto abadala okumelwe bazinake.

22 Ukuze abadala basize ibandla lenze konke okusemandleni alo enkonzweni yasensimini, kufanele benze amalungiselelo asebenzayo okuqhuba imihlangano yenkonzo yasensimini phakathi nalo lonke isonto nangezimpela-sonto. Umbonisi wenkonzo kumelwe ahole ekwenzeni la malungiselelo. Angenziwa yini amalungiselelo okuba kube neminye imihlangano ekuseni kakhulu, ekushoneni kwelanga, noma lapho sekuhwalala? Kufanele ibandla laziswe ngalawo malungiselelo. Kungaba usizo uma isimiso singaxhonywa ebhodini lezaziso.

23 Abadala kufanele baqikelele ukuthi amalungiselelo eSikhumbuzo enziwa usekude u-April 16. La malungiselelo ahlanganisa nokuhlela ukusetshenziswa kweHholo LoMbuso amanye amabandla angase alidinge, ukuhlanzwa kwalo, ukukhetha abalindi nabazohambisa izifanekiselo kanye nokutholakala kwazo. Ibandla kufanele laziswe isikhathi nendawo iSikhumbuzo esizoba kuyo nanoma iluphi ushintsho esimisweni semihlangano ngalelo sonto. Ukuzinakekela ngenkuthalo lezi zinto kuyokwenza ukuba lo mkhosi ‘wenzeke ngokufaneleyo nangohlelo.’—1 Kor. 14:40.

24 Izinhloko zemikhaya zingase zithande ukusebenzisa ingxenye yesikhathi sesifundo somkhaya uxoxe ngendlela umkhaya ongahlanganyela ngayo kulo msebenzi othé xaxa ngenkathi yeSikhumbuzo. Ingabe wonke umkhaya wakho ungaba amaphayona asizayo? Noma ingabe umkhaya ungasekela ilungu elilodwa noma engeziwe ukuba aphayone? Uma lokho kungenakwenzeka, zibekeleni imigomo ecacile njengomkhaya yokusebenza isikhathi esengeziwe enkonzweni. Ingabe likhona ilungu lomkhaya eliselincane, okungathi ngesikhuthazo noma ngosizo oluncane, lifaneleke ukuba ngummemezeli ongabhapathiziwe? Bangaki umkhaya wakho ongabamemela eSikhumbuzweni kulo nyaka? Ukuhlela kahle kuyolethela umkhaya wakho injabulo nezibusiso eziningi.

25 Sisebenzise Kahle Isikhathi Esisele: Lapho ebhalela amaKristu ekhulu lokuqala, umphostoli uPetru wawakhumbuza ngokuphuthuma kwezikhathi ngoba ukuphela kwesimiso sezinto samaJuda kwase kusondele. (1 Pet. 4:7) Namuhla bonke ubufakazi bubonisa ukuthi ukuphela kwesimiso sezinto samanje somhlaba wonke kusemnyango. Usuku nosuku, indlela yethu yokuphila kufanele ibonise ukuthi siyakukholelwa lokho. Njengezinceku zikaJehova ezishisekayo izingqondo zethu kufanele zigxile kulo msebenzi ophuthumayo wokumemezela izindaba ezinhle.—Thithu 2:13, 14.

26 Manje yisikhathi sokushiseka nokusebenza! Zindla ngalokho uJehova akwenzele khona wena, umkhaya wakho nebandla. Nakuba singasoze sakwazi ukumkhokhela uJehova ngokusizuzisa kwakhe ngezindlela eziningi, singamkhulekela ngomphefumulo wonke. (IHu. 116:12-14) UJehova uyoyibusisa imizamo yethu yenkuthalo. (IzAga 10:22) Sengathi sonke ‘singashisekela okuhle’ ngalesi sikhathi esikhethekile somsebenzi othé xaxa, “ukuze kukho konke uNkulunkulu akhazinyuliswe ngoJesu Kristu.”—1 Pet. 3:13; 4:11.

[Ibhokisi ekhasini 3]

Ababekhona ESikhumbuzweni Emhlabeni Wonke

1999 14 088 751

2000 14 872 086

2001 15 374 986

2002 15 597 746

[Ibhokisi ekhasini 4]

Obani Ozobamema ESikhumbuzweni?

□ Umkhaya nezihlobo

□ Omakhelwane nojwayelene nabo

□ Osebenza nabo nofunda nabo

□ Izimpindelo nabantu obafundisayo

[Ibhokisi ekhasini 5]

Siza Abeze ESikhumbuzweni

□ Bamukele ngomusa

□ Balandelele ngokubavakashela kamuva

□ Cela ukubaqhubela isifundo seBhayibheli

□ Bamemele enkulumweni ekhethekile

[Ibhokisi ekhasini 6]

Iyini Imigomo Yakho Yangenkathi YeSikhumbuzo?

□ Ukuba ommemile abe khona eSikhumbuzweni

□ Ukufanelekela ukuba ummemezeli ongabhapathiziwe

□ Ukusebenza inani elithile lamahora enkonzweni

□ Ukuthuthuka esicini esithile senkonzo

□ Ukukhonza njengephayona elisizayo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela