Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 6/03 k. 8
  • Ongakusho Ngomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ongakusho Ngomagazini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
km 6/03 k. 8

Ongakusho Ngomagazini

INqabayokulinda June 15

“Abanye abantu banombono wokuthi uJesu wayengumuntu omkhulu kunabo bonke emlandweni. Abanye bayakuphika nanokuthi wake waba khona. Ucabanga ukuthi kunendaba ukuthi yini esiyikholelwayo ngaye ? [Ngemva kwempendulo, funda izEnzo 4:12.] Yibuphi ubufakazi obukhona bokuthi uJesu wake waphila ngempela emhlabeni? Lo magazini ucubungula lowo mbuzo.”

INqabayokulinda July 1

“Esinye sezidingo eziyisisekelo kithina bantu ukuthanda nokuthandwa. [Funda amazwi ahambisana nomfanekiso osekhasini 4.] Nokho, uye waphawula yini ukuthi umphakathi wanamuhla uthambekele ekwenzeni ezinye izinto zize kuqala? [Lindela impendulo.] Lo magazini ukhuluma ngalokho uthando lwangempela oluyikho nokuthi lungahlakulelwa kanjani.” Funda eyoku-1 Korinte 13:2.

Phaphama! July 8

“Abantu abaningi bakhathazekile ngendawo ezungezile. Ucabanga ukuthi kuyokwenzeka ukuba kulondolozwe amahlathi emvula asezindaweni ezishisayo? [Lindela impendulo.] Lo magazini uchaza imizamo eyenziwayo manje ukuze kulondolozwe amahlathi emvula. Uchaza nokuthi siyogcwaliseka kanjani lesi sithembiso esihle esivela kuNkulunkulu.” Funda u-Isaya 11:9.

“Abantu abaningi kuyabakhathaza ukudlondlobala kwezenzo zobudlova ezingenangqondo. [Caphuna isibonelo esaziwayo endaweni, bese ulindela impendulo.] Lo magazini ucubungula ezinye zezimbangela zobugebengu obunobudlova. Uchaza nendlela uNkulunkulu ayoqeda ngayo ubugebengu nobudlova bungaphinde bube khona.” Funda iHubo 37:10, 11.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela