Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda June 15
“Abanye abantu banombono wokuthi uJesu wayengumuntu omkhulu kunabo bonke emlandweni. Abanye bayakuphika nanokuthi wake waba khona. Ucabanga ukuthi kunendaba ukuthi yini esiyikholelwayo ngaye ? [Ngemva kwempendulo, funda izEnzo 4:12.] Yibuphi ubufakazi obukhona bokuthi uJesu wake waphila ngempela emhlabeni? Lo magazini ucubungula lowo mbuzo.”
INqabayokulinda July 1
“Esinye sezidingo eziyisisekelo kithina bantu ukuthanda nokuthandwa. [Funda amazwi ahambisana nomfanekiso osekhasini 4.] Nokho, uye waphawula yini ukuthi umphakathi wanamuhla uthambekele ekwenzeni ezinye izinto zize kuqala? [Lindela impendulo.] Lo magazini ukhuluma ngalokho uthando lwangempela oluyikho nokuthi lungahlakulelwa kanjani.” Funda eyoku-1 Korinte 13:2.
Phaphama! July 8
“Abantu abaningi bakhathazekile ngendawo ezungezile. Ucabanga ukuthi kuyokwenzeka ukuba kulondolozwe amahlathi emvula asezindaweni ezishisayo? [Lindela impendulo.] Lo magazini uchaza imizamo eyenziwayo manje ukuze kulondolozwe amahlathi emvula. Uchaza nokuthi siyogcwaliseka kanjani lesi sithembiso esihle esivela kuNkulunkulu.” Funda u-Isaya 11:9.
“Abantu abaningi kuyabakhathaza ukudlondlobala kwezenzo zobudlova ezingenangqondo. [Caphuna isibonelo esaziwayo endaweni, bese ulindela impendulo.] Lo magazini ucubungula ezinye zezimbangela zobugebengu obunobudlova. Uchaza nendlela uNkulunkulu ayoqeda ngayo ubugebengu nobudlova bungaphinde bube khona.” Funda iHubo 37:10, 11.