Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda May 15
“Ucabanga ukuthi liyoke libe khona izwe elingenabo ubumpofu? [Lindela impendulo.] Phawula lokho okuthenjiswa uNkulunkulu. [Funda u-Isaya 65:21.] Le Nqabayokulinda ikhuluma ngendlela esiyogcwaliseka ngayo lesi sithembiso.” Hlela ukubuyela ukuze nixoxe ngalo mbuzo: Luyokwenzeka nini lolu shintsho?
INqabayokulinda June 1
“Cishe wonke umuntu ukhuluma ngokuthula, kodwa isintu siye sahluleka ukuba nobunye bomhlaba wonke. Ucabanga ukuthi ukukufinyelela kumane nje kuyiphupho? [Lindela impendulo.] Lo magazini ukhuluma ngohulumeni onamandla okwenza wonke umhlaba ube nobunye.” Funda iHubo 72:7, 8, bese uhlela ukubuyela uzoxoxa ngokuthi kuzokwenzeka kanjani lokho.
Phaphama! June 8
“Uke waqaphela ukuthi abantu abaningi bayakhathazeka ngokwanda komdlavuza wesikhumba? [Lindela impendulo.] Le Phaphama! ichaza isizathu sokuba thina namuhla sibe sengozini enkulu nokuthi yini esingayenza ukuze sizivikele.” Phetha ngokuhlanganyela isithembiso esiduduzayo esitholakala encwadini kaJobe 33:25.
“Abantu abaningi baye bezwa ukuthi ukuvivinya umzimba kubalulekile ukuze baphile kahle, kodwa abaningi bayavuma ukuthi abawuvivinyi ngokwanele umzimba. Akunjalo? [Lindela impendulo.] Lo magazini uhlaziya izinzuzo zokuvivinya umzimba njalo futhi usikisele nezindlela ezithile esingakutholela ngazo ithuba ekuphileni kwethu okumatasa.”