Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda July 15
“Phakathi nezinkulungwane zeminyaka yomlando womuntu, isintu siye sasungula izinkolelo eziningi futhi ezihlukahlukene. Ucabanga ukuthi kungenzeka ukuba sazi ukuthi iziphi eziyiqiniso nezingamanga? [Lindela impendulo.] Lo magazini ukhuluma ngokuthi ungazitholaphi izimfundiso eziyiqiniso ezijabulisa uNkulunkulu.” Funda eyesi-2 Thimothewu 3:16.
INqabayokulinda Aug. 1
“Abantu abaningi namuhla balwa nemizwa yokuzizwa bengelutho. Ucabanga ukuthi yini engenziwa ukuze basizwe? [Lindela impendulo.] Lo magazini ukhuluma ngendlela iBhayibheli elingabasiza ngayo abantu abanjalo ukuba bathole injabulo yeqiniso.” Gcizelela imiBhalo ebhalwe ngokugqamile nangomalukeke esesihlokweni esithi “IBhayibheli Lingakusiza Uthole Injabulo.”
Phaphama! Aug. 8
“Abantu abaningi baphila ukuphila kokwesaba. Ucabanga ukuthi kubangelwa yini lokho kwesaba? [Lindela impendulo.] Lo magazini unikeza ukusikisela okuwusizo ngendlela esingazivikela ngayo ezingozini ezivamile. Ubuye ukhulume ngesithembiso seBhayibheli sezwe elingenakho ukwesaba.” Funda u-Isaya 11:9.
“Kusizwisa ubuhlungu ukubona ukuhlupheka kwabantu okubangelwa izinhlekelele ezingokwemvelo. [Yisho isibonelo esaziwayo endaweni.] Ucabanga ukuthi lezo zinhlekelele ziyanda? [Lindela impendulo.] Lo magazini uhlaziya lowo mbuzo. Ubuye ududuze labo abaye bashonelwa izihlobo zabo kulezo zinhlekelele.” Funda uJohane 5:28, 29.