Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda July 15
“Abaningi baye baphawula ukuthi kunomkhuba owandayo wokuzihlukanisa kwabantu. Ucabanga ukuthi lokhu kuyinkambo yokuhlakanipha? [Lindela impendulo.] Phawula lesi sisho esihlakaniphile mayelana nokubaluleka kokuba nomngane. [Funda umShumayeli 4:9, 10.] Lo magazini ukhuluma ngokuthi kungani sonke sibadinga abanye nangendlela engaxazululwa ngayo inkinga yokuzihlukanisa.”
INqabayokulinda Aug. 1
“Uthi bewazi nje ukuthi ngokomunye umbiko, ingxenye yabantu emhlabeni iphila ngemali engaphansi kuka-$2 ngosuku? Ucabanga ukuthi kukhona okungenziwa ukuze lesi simo sibe ngcono? [Lindela impendulo.] Le Nqabayokulinda ikhuluma ngekhambi elihlala njalo lokuqeda ubumpofu njengoba livezwe eBhayibhelini.—Funda iHubo 72:12, 13, 16.
Phaphama! Aug. 8
“Abantu abaningi kuyabakhathaza ukwanda kokutholakala kalula kwezithombe zobulili ezingcolile. Ucabanga ukuthi lokhu kuyimbangela yokukhathazeka? [Lindela impendulo.] Iseluleko esiwusizo esitholakala eBhayibhelini singasilonda. [Funda eyabase-Efesu 5:3, 4.] Lo magazini ubonisa ukuthi singazivikela kanjani kule ngozi ewumshoshaphansi.”
“Eminyakeni yamuva, izinhlekelele ezihlobene nesimo sezulu ziye zabangela umonakalo omkhulu emhlabeni wonke. Ucabanga ukuthi yini engenziwa ukuze kuqedwe ukuhlupheka okubangelwa yilokhu? [Lindela impendulo.] Lo magazini ucubungula inkinga yokushintsha kwesimo sezulu kanye nekhambi eliboniswe ngokucacile eBhayibhelini.”—Funda u-Isaya 35:1.