Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda July 15
“Uma kungake kubikwe isenzakalo esinjengalesi [esiboniswe esembozweni] ezindabeni kulezi zinsuku, iningi labantu ngeke lisikholwe. Wena uthini? [Lindela impendulo, bese ufunda uMarku 4:39.] Ibuphi ubufakazi obukhona bokuthi izimangaliso ezenziwa uJesu zenzeka ngempela? Le Nqabayokulinda ikhuluma ngaleyo ndaba.”
INqabayokulinda Aug. 1
“Njengoba isintu sihlukene kangaka, abanye babona ukuthi ukuphela kwendlela engaletha ukuthula emhlabeni wonke ukuba kube nohulumeni womhlaba wonke. Ucabanga ukuthi into enjalo ingenzeka? [Lindela impendulo, bese ufunda uDaniyeli 2:44.] Lo magazini uhlola lokho uMbuso kaNkulunkulu okwenzayo manje, nokuthi uzokuletha kanjani ukuthula emhlabeni wonke maduze.”
Phaphama! Aug. 8
“Emhlabeni namuhla, izigebengu zihlale zithola izindlela ezintsha zokukhwabanisela abantu abangaqaphele. Kuyakukhathaza yini wena lokho? [Lindela impendulo.] Le Phaphama! ixoxa ngezinto ezimbalwa ezilula ezingasisiza ukuba sizivikele ekukhwabaniselweni.” Funda izAga 22:3.
“Sonke siyadabuka lapho sizwa ngokuxhashazwa kwezingane. Mhlawumbe wake wazibuza ukuthi, ‘Kazi uNkulunkulu unendaba ngempela yini?’ [Lindela impendulo, bese ufunda iHubo 72:12-14.] Lesi sihloko sixoxa ngokuthi uNkulunkulu uzizwa kanjani ngezingane nangokuthi maduze nje uzokuqeda kanjani ukuhlupheka kwabo bonke abahlukunyezwayo kungaphinde kube khona.”