Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 7/04 k. 4
  • Ongakusho Ngomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ongakusho Ngomagazini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
km 7/04 k. 4

Ongakusho Ngomagazini

INqabayokulinda July 15

“Uma kungake kubikwe isenzakalo esinjengalesi [esiboniswe esembozweni] ezindabeni kulezi zinsuku, iningi labantu ngeke lisikholwe. Wena uthini? [Lindela impendulo, bese ufunda uMarku 4:39.] Ibuphi ubufakazi obukhona bokuthi izimangaliso ezenziwa uJesu zenzeka ngempela? Le Nqabayokulinda ikhuluma ngaleyo ndaba.”

INqabayokulinda Aug. 1

“Njengoba isintu sihlukene kangaka, abanye babona ukuthi ukuphela kwendlela engaletha ukuthula emhlabeni wonke ukuba kube nohulumeni womhlaba wonke. Ucabanga ukuthi into enjalo ingenzeka? [Lindela impendulo, bese ufunda uDaniyeli 2:44.] Lo magazini uhlola lokho uMbuso kaNkulunkulu okwenzayo manje, nokuthi uzokuletha kanjani ukuthula emhlabeni wonke maduze.”

Phaphama! Aug. 8

“Emhlabeni namuhla, izigebengu zihlale zithola izindlela ezintsha zokukhwabanisela abantu abangaqaphele. Kuyakukhathaza yini wena lokho? [Lindela impendulo.] Le Phaphama! ixoxa ngezinto ezimbalwa ezilula ezingasisiza ukuba sizivikele ekukhwabaniselweni.” Funda izAga 22:3.

“Sonke siyadabuka lapho sizwa ngokuxhashazwa kwezingane. Mhlawumbe wake wazibuza ukuthi, ‘Kazi uNkulunkulu unendaba ngempela yini?’ [Lindela impendulo, bese ufunda iHubo 72:12-14.] Lesi sihloko sixoxa ngokuthi uNkulunkulu uzizwa kanjani ngezingane nangokuthi maduze nje uzokuqeda kanjani ukuhlupheka kwabo bonke abahlukunyezwayo kungaphinde kube khona.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela