I-video Eqokomisa Inqubo Ebalulekile Yezokwelapha
Ochwepheshe bezomthetho nabezempilo sebeyawanakisisa amalungelo eziguli kanye nezindlela ezifanele zokwelashwa kwazo. Lokhu kwenze kwaba khona izindlela ezintsha zokwelashwa oFakazi BakaJehova abangazuza kuzo. (IzE. 15:28, 29) Yilokho ekhuluma ngakho i-video ethi Transfusion-Alternative Health Care—Meeting Patient Needs and Rights. Yibukele, bese ubukeza okufundile kuyo.—Phawula: Ngenxa yokuthi le video ibonisa kafushane izithombe zalokho okwenzeka egumbini lokuhlinza, abazali kufanele basebenzise ukuhlakanipha lapho beyibuka nezingane ezincane.
(1) Kungani abomkhakha wezokwelapha sebekubheka ngelinye iso ukumpompela igazi? (2) Nikeza izibonelo ezintathu zokuhlinza okuyinkimbinkimbi okwenziwa ngaphandle kwegazi. (3) Bangaki odokotela abelaphayo nabahlinzayo emhlabeni wonke abaye bavuma ukwelapha iziguli ngaphandle kokuzimpompela igazi? Kungani bezimisele ukwenza kanjalo? (4) Yini eyembulwe ucwaningo lwamuva nje ezibhedlela mayelana nokusetshenziswa kwegazi? (5) Ziyini izingozi zempilo ezihambisana nokumpontshelwa? (6) Yisiphi isiphetho ochwepheshe abaningi abaye basifinyelela ngezinzuzo zokusebenzisa ezinye izinqubo esikhundleni sokumpompela igazi? (7) Yini ebangela ukuntuleka kwegazi emzimbeni? Abantu bangaphila ngegazi eliphansi ngezinga elingakanani? Yini engenziwa ukuze kubhekanwe nalesi simo? (8) Umzimba wesiguli ungakhuthazwa kanjani ukuba ukhiqize amangqamuzana abomvu? (9) Yiziphi izinqubo ezisetshenziswayo ukuze kuncishiswe ukopha lapho kuhlinzwa? (10) Ingabe izindlela zokwelapha ngaphandle kokumpontshelwa igazi zingasebenza ezinganeni nasezimweni ezisongela ukuphila? (11) Yisiphi esinye sezimiso eziyisisekelo zokunakekelwa okuhle kwezempilo? (12) Kungani kubalulekile ukuba amaKristu akhethe kusengaphambili ukwelashwa ngaphandle kwegazi? Singakwenza kanjani lokhu?
Ukuthi umuntu uzozamukela yini ezinye zezindlela zokwelashwa eziboniswe kule video kuyinto umuntu ngamunye okumelwe azinqumele yona ngokuvumelana nonembeza wakhe oqeqeshwe ngeBhayibheli. Ingabe usunqumile ukuthi iyiphi inqubo wena nezingane zakho eniyoyamukela esikhundleni sokumpontshelwa igazi? Amalungu omkhaya angebona oFakazi kufanele aziswe konke mayelana nesinqumo sakho kanye nezizathu zaso.—Bheka “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda ka-June 15 neka-October 15, 2000.