I-video Eqokomisa Inqubo Ebalulekile Yezokwelapha
Ochwepheshe bezomthetho nabezempilo sebeyawanakisisa amalungelo eziguli kanye nezindlela ezifanele zokwelashwa kwazo. Lokhu kwenze kwaba khona izindlela ezintsha zokwelapha oFakazi BakaJehova abangazuza kuzo. (IzE. 15:28, 29) Yilokho ekhuluma ngakho i-video ethi Transfusion-Alternative Health Care—Meeting Patient Needs and Rights. Yibukele bese ubukeza okufunde kuyo.—Phawula: Ngenxa yokuthi le video ibonisa kafushane izithombe zalokho okwenzeka egumbini lokuhlinza, abazali kufanele basebenzise ukuhlakanipha lapho beyibuka nezingane ezincane.
(1) Kungani abathile emkhakheni wezokwelapha sebekubheka ngelinye iso ukumpompela igazi? (2) Nikeza izibonelo ezintathu zokuhlinza okuyinkimbinkimbi okungase kwenziwe ngaphandle kwegazi. (3) Bangaki odokotela abelaphayo nabahlinzayo emhlabeni wonke abaye bavuma ukwelapha iziguli ngaphandle kokuzimpompela igazi? Kungani bezimisele ukwenza kanjalo? (4) Yini eyembulwe ucwaningo lwamuva nje ezibhedlela mayelana nokusetshenziswa kwegazi? (5) Ziyini izingozi zempilo ezihambisana nokumpontshelwa igazi? (6) Isiphi isiphetho ochwepheshe abaningi abaye basifinyelela ngezinzuzo zokusebenzisa ezinye izinqubo zokwelapha esikhundleni sokumpompela igazi? (7) Yini ebangela ukuntuleka kwegazi emzimbeni? Abantu bangaphila ngegazi eliphansi ngezinga elingakanani? Yini engenziwa ukuze kubhekanwe nalesi simo? (8) Umzimba wesiguli ungakhuthazwa kanjani ukuba ukhiqize amangqamuzana abomvu? (9) Yiziphi izinqubo ezisetshenziswayo ukuze kuncishiswe ukopha lapho kuhlinzwa? (10) Ingabe izindlela zokwelapha ngaphandle kokumpompela igazi zingasebenza ezinganeni noma ezimweni ezisongela ukuphila? (11) Isiphi esinye sezimiso eziyisisekelo zokunakekelwa okuhle kwezempilo? (12) Kungani kubalulekile ukuba amaKristu akhethe kusengaphambili ukwelashwa ngaphandle kwegazi? Singakwenza kanjani lokhu?
Ukuthi umuntu uzozamukela yini ezinye zezindlela zokwelashwa eziboniswe kule video kuyinto okumelwe azinqumele yona ngokuvumelana nonembeza wakhe oqeqeshwe ngeBhayibheli. Ingabe usunqumile ukuthi iyiphi inqubo yokwelapha wena nezingane zakho eniyoyamukela esikhundleni sokumpontshelwa igazi? Amalungu omkhaya angebona oFakazi kufanele aziswe konke mayelana nesinqumo sakho kanye nezizathu zaso.—Bheka “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda ka-June 15, 2004 neka-October 15, 2000.