Yibani Ngcwele Kukho Konke Ukuziphatha Kwenu
1. Kungani kubalulekile ukuba ngcwele kukho konke ukuziphatha kwethu?
1 Njengezinceku zikaNkulunkulu ongcwele, uJehova, sizabalazela ukuba ngcwele kukho konke ukuziphatha kwethu. (1 Pet. 1:15, 16) Lokhu kusho ukuthi silwela ukubambelela ezindinganisweni zikaJehova kuzo zonke izici zokuphila kwethu. Umhlangano wesigodi walo nyaka uzosinikeza ithuba elikhethekile lokubonisa ukuziphatha okungcwele.
2. Singakubonisa kanjani ukuziphatha okuhle endaweni esilala kuyo?
2 Amalungiselelo Ezindawo Zokulala: Umnyango wezindawo zokulala uchithe isikhathi esiningi uthola indawo yokulalisa izihambeli zomhlangano. Kungakhathaliseki ukuthi uyolala ehhotela, endlini yezihambi, e-caravan park noma emzini wothile, siza ucele kuphela leyo ndawo yokulala ozoyisebenzisa. Lapho kudingeke khona, yikhokhe kusengaphambili imali yokubekisa (deposit). Kwamanye amahhotela nasezindlini zezihambi kumatasa kakhulu ngezikhathi zokufika nokuhamba, ngakho, kuyancomeka kakhulu uma sibonisa izithelo zomoya. Uma kudingeka usihoxise isicelo sakho sendawo yokulala kwenze ngokushesha lokho. Khumbula ukubonga ngemadlana ngomsebenzi omuhle owenzelwe.
3. Ukuziphatha koFakazi abasebasha kungabahlaba kanjani abanye umxhwele?
3 Ukuziphatha kahle kwethu kungaba ubufakazi obunamandla. Ngonyaka odlule ibhungu elithile elinguFakazi lacela kumabhalane wasehhotela izinto zokubhala lase limbonga. Lokhu kwamhlaba umxhwele lo mabhalane, wezwakala esethi: “Ayisekho intsha ehlonipha kangaka.” Nokho, ezimweni ezimbalwa izingane ezingabhekiwe ziye zabonakala zibhukuda, zidlala emakheshini, zibanga umsindo futhi zigijima emaphaseshi. Abazali kufanele baqaphe izingane zabo ukuze baqiniseke ukuthi ukuziphatha kwazo kudumisa uJehova, bangaziyeki zibe uvanzi.—IzAga. 29:15.
4. Singakubonisa kanjani ukucabangela abanye lapho sidla ezitolo?
4 Ezitolo Zokudlela: Uweta wasesitolo sokudlela esasiseduze nendawo yomhlangano wesigodi wathi: “OFakazi bahlukile. Bayabahlonipha abanye abantu.” Ukuziphatha okuhle kuhilela nokugwema ukukhulumela phezulu nokuhleka kakhulu okungaphazamisa abanye abadlayo esitolo. Kufanele sikhumbule nokuthi kuyisiko ezindaweni eziningi ukushiya imadlana yokubonga, kuye ngokuthi wenzelweni. Ngisho nalapho sidla noma siphuza, sifuna ukwenza zonke izinto ukuze sikhazimulise uNkulunkulu.—1 Kor. 10:31.
5. Ukuziphatha okuhle endaweni yomhlangano kuhlanganisa nani?
5 Emhlanganweni: Ukuziphatha kwethu okuhle kufanele kube sobala nakakhulu endaweni yomhlangano. Sicela ukuba nibambisane neziqondiso zabalindi, kokubili endaweni yokupaka nangaphakathi. (Heb. 13:17) Imikhaya kufanele ihlale ndawonye kunokuba ivumele izingane, kuhlanganise nentsha, ukuba zihlale namaqembu enye intsha. Imishini yokuqopha yanoma iluphi uhlobo akufanele ixhunywe kugesi noma esimisweni se-sound somhlangano, futhi ingase isetshenziswe kuphela ngendlela engabaphazamisi abanye. Uma ucabanga ukuthatha izithombe, ama-flash akufanele asetshenziswe phakathi nesimiso. Ama-pager nomakhal’ ekhukhwini kufanele kucushwe ngendlela yokuba kungaphazamisi. Uma ubona ingozi endaweni yomhlangano, sicela ubikele abalindi noma uMnyango Wosizo Lokuqala.
6. Ukuziphatha kwethu emihlanganweni kumkhazimulisa kanjani uNkulunkulu?
6 Ukuziphatha kwethu kuyasihlukanisa kwabanye futhi kukhazimulisa uNkulunkulu wethu. (1 Pet. 2:12) Emhlanganweni, izenzo zoFakazi BakaJehova zizobe zibhekwe umphakathi. Ngakho-ke, zimiseleni ukuba ngcwele kukho konke ukuziphatha kwenu.
[Ibhokisi ekhasini 9]
Bonisa Ukuziphatha Okungcwele
◼ Gcina yonke imithetho yasehhotela
◼ Qapha izingane zakho
◼ Cabangela abanye