Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/03 kk. 4-9
  • Yiba Yisibonelo Emisebenzini Emihle

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yiba Yisibonelo Emisebenzini Emihle
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ‘Phishekelani Okuhle Ngaso Sonke Isikhathi’
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • “Gcinani Ukuziphatha Kwenu Kukuhle Phakathi Kwezizwe”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
  • Yibani Ngcwele Kukho Konke Ukuziphatha Kwenu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Hlalani Nilindele UJehova
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
km 10/03 kk. 4-9

Yiba Yisibonelo Emisebenzini Emihle

1. Kungani kudingeka sikuqaphele ngokukhethekile ukuziphatha kwethu emhlanganweni wesigodi?

1 Lapho sihlangene sibaningi emihlanganweni yezizwe noma yesigodi, indlela esenza ngayo nesiphatha ngayo abanye iphawuleka ngokukhethekile kwababukele. Ngakho-ke, ngamunye wethu kudingeka asinake ngokukhethekile lesi seluleko seBhayibheli: ‘Yiba ohluzekile engqondweni, kuzo zonke izinto uzibonakalisa uyisibonelo semisebenzi emihle.’ (Thithu 2:6, 7) Kungase kudingeke umzamo owengeziwe ukuba ‘singakhathaleli nje kuphela izindaba zethu siqu, kodwa futhi sikhathalele nezabanye.’ (Fil. 2:4) Ake sibheke ezinye izindawo esingasisebenzisa kuzo lesi sikhuthazo eMhlanganweni Wesigodi ‘Wokukhazimulisa UNkulunkulu’ esizoba nawo.

2. Yini okufanele siyikhumbule maqondana namalungiselelo ezindawo zokulala?

2 Amalungiselelo Ezindawo Zokulala: UMnyango Wezindawo Zokulala uchithe izinyanga eziningi ufuna izindawo zokulala. Sithola ithuba elihle kakhulu lokubonakalisa imisebenzi emihle lapho senza amalungiselelo ezindawo zokulala. Kungakhathaliseki ukuthi uzolala ehhotela, e-guest house, epaki lama-caravan, noma emzini wothile, siza ucele kuphela leyo ndawo ozoyisebenzisa. Uma kudingeka, qiniseka ukuthi uyayikhokha kusengaphambili leyo mali efunekayo eyisibambiso. Ngezikhathi ezimatasa zokufika nokuhamba ezindaweni zokulala, kuyatuseka kakhulu uma sibonisa izithelo zomoya kaNkulunkulu.—Gal. 5:22, 23.

3. ‘Singakwenza kanjani okuhle kubo bonke’ ezindaweni esilala kuzo?

3 Ukukhathalela kwethu abanye kufanele kubonakale endleleni esisebenzisa ngayo noma imaphi amalungiselelo okudla kwasekuseni kwamahhala. Akukuhle ukuthatha ukudla okulungiselelwe izivakashi sikwenze umphako wasemhlanganweni. Kuhle uma sigcina imithetho ngobuqotho futhi sibonisa ukucabangela izisebenzi ngokuzishiyela ithiphu. Ngokwenza kanjalo ‘senza okuhle kubo bonke’ ngaleyo ndlela sinikeza ubufakazi obuhle kwabanye.—Gal. 6:10.

4, 5. Izingane zingamdumisa kanjani uJehova, futhi abazali banamuphi umthwalo?

4 Abazali Nezingane: Kuleli zwe lapho intsha eningi intula inhlonipho, izingane zethu zihluke ngokuphelele, futhi lokhu kuyamdumisa uJehova nenhlangano yakhe. Nokho kukhona izikhathi lapho kuye kwaba nezinkinga ngenxa yokungaqashelwa ngokufanele kwezingane. (IzAga 29:15) Abazali akufanele bashiye izingane zabo zingaqashelwe ezindaweni abalala kuzo, kanye nasezindaweni zokubhukuda, ezokuzijabulisa noma emagcekeni omhlangano.

5 Ngaphambi komhlangano abanye abazali baye bakuthola kuwusizo ukuxoxa nezingane zabo ngokuthi kulindeleke ukuba ziziphathe kanjani. (Efe. 6:4) Basiza izingane ukuba ziqonde ukuthi uthando lwangempela lobuKristu “aluziphathi ngokuhlazisayo” noma ‘luzifunele izinzuzo zalo siqu.’ (1 Kor. 13:5) Umhlangano wesigodi uyisikhathi esibekelwe eceleni ukuba sifundiswe nguJehova, futhi izingane kanye nabantu abadala bangabonisa ukuthi bayalihlonipha leli lungiselelo ngokuziphatha kwabo enkundleni yomhlangano nakunoma iyiphi indawo.—Isaya 54:13.

6. Ukuziphatha kwethu okuhle kungaba namuphi umphumela kwabanye?

6 Ukuziphatha kwethu kungenza lukhulu ekulungiseni umbono oyiphutha ngathi, kudonsele abantu ekukhulekeleni kweqiniso. (Math. 5:16; 1 Pet. 2:12) Sengathi bonke labo esibonana nabo emhlanganweni wethu wesigodi bangathola ubufakazi obuhle ngenxa yendlela esiziphatha ngayo nendlela esibaphatha ngayo. Ngale ndlela ‘siyozibonakalisa siyizibonelo zemisebenzi emihle’ futhi sikhazimulise uJehova.—Thithu 2:7.

[Ibhokisi ekhasini 4]

Cabangela Abanye

▪ Cela kuphela indawo yokulala ozoyisebenzisa

▪ Yiba nesineke ngezikhathi zokufika nokuhamba endaweni yokulala

▪ Ungawasebenzisi kabi amalungiselelo okudla kwasekuseni

▪ Kuqaphelisise konke okwenziwa yizingane zakho

▪ Shiya ithiphu efanele

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela