Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda Nov. 15
“Abantu abaningi bafisa ukuba nempilo enhle futhi baphile isikhathi eside. Ukube bekungenzeka, ubungathanda yini ukuphila phakade? [Lindela impendulo bese ufunda uJohane 17:3.] Lo magazini ukhuluma ngesithembiso seBhayibheli sokuphila okuphakade. Ukhuluma nangokuthi kuyoba njani ukuphila lapho leso sithembiso sesifezekile.”
INqabayokulinda Dec. 1
“Esinye isici esihlukanisa abantu ezilwaneni yikhono lokuhlukanisa okulungile nokungalungile. Kuyadabukisa ukuthi abantu abaningi benza izinto ezimbi. Ucabanga ukuthi kungani benza izinto ezimbi? [Lindela impendulo bese ufunda uJeremiya 17:9 noma isAmbulo 12:9.] Lo magazini ukhuluma ngokuthi yini engasisiza ukuba sazi futhi senze okulungile.”
Phaphama! Dec. 8
“Kule minyaka engu-20 edlule, kwenziwe intuthuko enkulu ekuqondeni nasekuzameni ukwelapha ingculaza. Kodwa abantu abaningi basenolwazi olungelona iqiniso. [Mbonise ibhokisi elithi, “Izinganekwane Ngengculaza,” bese ulindela uvo lwakhe.] Lo magazini ukhuluma ngendlela abazali abangazivikela ngayo izingane zabo.” Funda uDuteronomi 6:6, 7.
“Intuthuko kwezobuchwepheshe ayisiqedanga isidingo somuntu esiyisisekelo sokuba nabangane. Kodwa uke waphawula yini ukuthi ukushintsha kwezimo emphakathini kungakwenza kube nzima namuhla ukuba nabangane abaseduze? [Lindela impendulo bese ufunda izAga 18:24.] Lo magazini ukhuluma ngendlela esingabenza futhi sibagcine ngayo abangane beqiniso.”