Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda Nov. 15
“Abantu abaningi bayazibuza ukuthi yini eyenza ukuba izinkinga ezikhungethe isintu zande kunokuba zinciphe. Wake wacabanga yini ngalokho leli vesi elithi kungaba isizathu? [Funda isAmbulo 12:9 bese ulindela impendulo.] Lo magazini ukhuluma ngamaqhinga kaDeveli okudukisa abantu nokuthi singaligwema kanjani ithonya lakhe.”
INqabayokulinda Dec. 1
“Lapho abanye abantu bezwa igama elithi ‘Armagedoni,’ noma ukubhujiswa komhlaba, bacabanga ngembubhiso esabekayo ebulala uyaca. [Mbonise ibhokisi ekhasini 3.] Kungakumangaza yini ukwazi ukuthi empeleni i-Armagedoni yinto enhle kakhulu? [Lindela impendulo.] Lo magazini uchaza isizathu salokho.” Funda eyesi-2 Petru 3:13.
Phaphama! Dec. 8
“Nakuba kukhiqizwa ukudla okwanele kokondla wonke umuntu emhlabeni, kunabantu abangaba izigidi ezingu-800 abangondlekile. Akuzwisi ubuhlungu yini lokho? [Lindela impendulo.] Lo magazini udingida inselele enkulu ekhona yokondla abantu abahlala emadolobheni. Ubuye ukhulume ngesithembiso seBhayibheli somhlaba ongenabo abantu abalambayo.” Funda iHubo 72:16a.
“Ngifisa ukukuxoxela ngesikhathi lapho wonke umuntu eyoba nendawo ekahle yokuhlala. Akudabukisi yini ukuthi kunabantu abaningi abangenamakhaya? [Lindela impendulo bese ufunda u-Isaya 65:21, 22.] Lo magazini ukhuluma ngezimbangela zokuntuleka kwezindawo zokuhlala. Ubuye uchaze indlela uNkulunkulu ayosigcwalisa ngayo isithembiso esisanda kufunda ngaso emBhalweni.”