Kudingeka Usizo Lwakho
1 “Siyanibonga ngakho konke enisenzela khona. Kuyasisiza ngempela.” Lawo mazwi akubonisa kahle ukubonga esinakho ngabadala bethu nezinceku ezikhonzayo. Njengoba inhlangano kaNkulunkulu iqhubeka yanda, kunesidingo esiqhubekayo samadoda avuthiwe azokhonza emabandleni acishe abe ngu-100 000 emhlabeni wonke. Uma ungumzalwane obhapathiziwe, usizo lwakho luyadingeka.
2 ‘Zama Ukufinyelela’: Ungazama kanjani ukufinyelela amalungelo engeziwe enkonzo? (1 Thim. 3:1) Ngokuyinhloko, ngokuba isibonelo esihle kuzo zonke izici zokuphila kwakho. (1 Thim. 4:12; Thithu 2:6-8; 1 Pet. 5:3) Hlanganyela ngokugcwele emsebenzini wokushumayela, futhi usize abanye benze okufanayo. (2 Thim. 4:5) Yiba nesithakazelo esiqotho enhlalakahleni yokholwa nabo. (Roma 12:13) Yiba umfundi okhuthele weZwi likaNkulunkulu, futhi uhlakulele ‘ikhono lokufundisa.’ (Thithu 1:9; 1 Thim. 4:13) Zifeze ngenkuthalo izabelo ozinikwa abadala. (1 Thim. 3:10) Uma uyinhloko yomkhaya, ‘yengamela umkhaya wakho ngendlela enhle.’—1 Thim. 3:4, 5, 12.
3 Ukukhonza njengenceku ekhonzayo noma njengomdala kungumsebenzi onzima futhi kudinga umoya wokuzidela. (1 Thim. 5:17) Ngakho, uma uzama ukufinyelela, kumelwe ugxile ekukhonzeni abanye ngokuthobeka. (Math. 20:25-28; Joh. 13:3-5, 12-17) Zindla ngesimo sengqondo sikaThimothewu, futhi usilingise. (Fil. 2:20-22) Njengaye, ukuziphatha kwakho okuhle makukutuse. (IzE. 16:1, 2) Njengoba uhlakulela izimfanelo ezingokomoya ezidingekayo ukuze unakekele amalungelo engeziwe futhi usebenzisa noma isiphi iseluleko ositholayo, ‘intuthuko yakho iyobonakala kubo bonke abantu.’—1 Thim. 4:15.
4 Bazali, Qeqeshani Izingane Ukuba Zisize: Izingane zingaqala ukufunda ukusiza zisencane. Ziqeqesheni ukuba zilalelisise emihlanganweni, zishumayele, futhi zibe izibonelo ekuziphatheni eHholo LoMbuso nasesikoleni. Zisizeni ukuba zikhonze abanye, zenze izinto ezinjengokusiza ekuhlanzeni iHholo LoMbuso, ukusiza abagugile nokunye. Zinikeni ithuba lokuthola injabulo etholakala ngokupha. (IzE. 20:35) Lokho kuqeqeshwa kungazisiza ukuba zibe amaphayona, izinceku ezikhonzayo nabadala bakusasa.