Bafowethu Abasebasha, Niyazama Yini Ukufinyelela Amalungelo Engeziwe?
1. Umzalwane kufanele aqale nini ukusebenzisa isiqondiso esikweyoku-1 Thimothewu 3:1?
1 “Uma umuntu ezama ukufinyelela ukuba umbonisi, ufisa umsebenzi omuhle.” (1 Thim. 3:1) La mazwi aphefumulelwe akhuthaza abazalwane ukuba bazame ukufanelekela amalungelo enkonzo ebandleni. Ingabe kufanele ube umuntu omdala ukuze wenze lokho? Kungcono kakhulu uma uqala usemusha. Ngokwenza kanjalo ungaqeqeshwa futhi ubonise ukuthi uyokufanelekela ukumiswa njengenceku ekhonzayo lapho usukhulile. (1 Thim. 3:10) Uma ungumzalwane osemusha obhapathiziwe, yini ongayenza ukuze ufinyelele amalungelo engeziwe?
2. Yini esingayenza ukuze sihlakulele futhi sibonise umoya wokuzidela?
2 Ukuzidela: Khumbula ukuthi uzama ukufinyelela umsebenzi omuhle, hhayi isikhundla. Ngakho hlakulela isifiso sokusiza abafowenu nodadewenu. Enye indlela ongakwenza ngayo lokhu ukuzindla ngesibonelo sikaJesu esihle. (Math. 20:28; Joh. 4:6, 7; 13:4, 5) Cela uJehova akusize ube nesithakazelo kwabanye. (1 Kor. 10:24) Ungabasiza yini ngokoqobo abakhulile noma ababuthaka ebandleni? Uyazenza yini utholakale ukuze ugunde utshani, uhlanze iHholo LoMbuso noma wenze eminye imisebenzi yokunakekela iHholo LoMbuso? Ungavolontiya yini ukunikeza inkulumo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini? Uyothola ukuthi ukuzidela ukuze usize abanye kukulethela injabulo.—IzE. 20:35.
3. Ingokomoya libaluleke kangakanani futhi lingahlakulelwa kanjani?
3 Ingokomoya: Kubaluleke kakhulu ukuba inceku ebandleni iqine ngokomoya kunokuba ibe namakhono akhethekile noma emvelo. Indoda engokomoya izama ukubheka izinto ngendlela uJehova noJesu abazibheka ngayo. (1 Kor. 2:15, 16) Ibonakalisa “izithelo zomoya.” (Gal. 5:22, 23) Ingumvangeli oshisekayo obeka izithakazelo zoMbuso kuqala. (Math. 6:33) Ungahlakulela izimfanelo ezinhle ngokuba nesimiso esihle sesifundo somuntu siqu. Lokhu kuyohlanganisa ukufunda iBhayibheli nsuku zonke, ukufunda umagazini ngamunye we-Nqabayokulinda ne-Phaphama!, ukulungiselela imihlangano yebandla nokuba khona kuyo. (IHu. 1:1, 2; Heb. 10:24, 25) Lapho uPawulu ekhuthaza uThimothewu osemusha ukuba athuthuke ngokomoya, wabhala: ‘Kuqaphele njalo ukufundisa kwakho.’ (1 Thim. 4:15, 16) Ngakho zilungiselele kahle izinkulumo zakho eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. Lungiselela inkonzo futhi uhlanganyele kuyo njalo. Zibekele imigomo engokomoya enjengokuphayona, inkonzo yaseBethel noma ukuya eSikoleni SeBhayibheli Sabazalwane Abangashadile futhi usebenzele ukuyifinyelela. Ingokomoya liyokusiza ukuba ‘ubalekele izifiso zobusha.’—2 Thim. 2:22.
4. Kungani ubuqotho nokwethembeka kubalulekile?
4 Ubuqotho Nokwethembeka: Ngenxa yokuthi abazalwane ababenikwe isabelo sokwabela amaKristu aswele ukudla ngekhulu lokuqala ‘babefakazelwa kahle,’ baziwa ngokuba qotho nokwethembeka, abaphostoli akudingekanga bakhathazeke ngokuthi leso sabelo sizokwenziwa yini. Lokhu kwabenza bakwazi ukunaka ezinye izinto ezibaluleke kakhulu. (IzE. 6:1-4) Ngakho, lapho unikwa isabelo ebandleni, senze kahle. Lingisa uNowa owalandela ngokucophelela iziqondiso ayezinikiwe zokwakha umkhumbi. (Gen. 6:22) Ukwethembeka kubalulekile kuJehova futhi kubonisa ukuvuthwa ngokomoya.—1 Kor. 4:2; bheka ibhokisi elithi “Izinzuzo Zokuqeqeshwa.”
5. Kungani abafowethu abasebasha kufanele bazame ukufinyelela amalungelo engeziwe?
5 Njengoba kwaprofethwa, uJehova usheshisa ukubuthwa kwabantu. (Isaya 60:22) Ngokwesilinganiso, kubhapathizwa abantu abangu-250 000 unyaka ngamunye. Njengoba bebaningi kangaka abantu abasha abangena eqinisweni, kudingeka amadoda afanelekayo ngokomoya ukuze anakekele imithwalo yebandla. Manje kunanini ngaphambili, kunomsebenzi omningi enkonzweni kaJehova. (1 Kor. 15:58) Bafowethu abasebasha, niyazama yini ukufinyelela amalungelo engeziwe? Uma nenza kanjalo, nifisa umsebenzi omuhle kakhulu!
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 2]
Njengoba bebaningi kangaka abantu abasha abangena eqinisweni, kudingeka amadoda afanelekayo ngokomoya ukuze anakekele imithwalo yebandla
[Ibhokisi ekhasini 3]
Izinzuzo Zokuqeqeshwa
Abazalwane abafanelekayo abasebasha bayazuza lapho abadala bebanika izabelo futhi bebaqeqesha. Ngemva komhlangano, omunye umbonisi wesifunda wayehlezi esiteji ekhuthaza ummemezeli. Wabona umfanyana emi eduze kwabo, wambuza ukuthi ufuna ukukhuluma naye yini. Umfana wathi wabelwe ukuhlanza isiteji ngemva komhlangano ngamunye. Abazali bakhe base befuna ukuhamba, kodwa akazange avume ukuhamba engakasenzi isabelo sakhe. Umbonisi wesifunda wasuka esiteji. Wathi: “Abadala bakuleliya bandla babekuphaphamele ukuqeqesha abazalwane abasebasha abafanelekayo ngokubanikeza izabelo ebandleni. Ngenxa yalokho, kwakuvamile ukuba batuse umzalwane osemusha ukuba abe inceku ekhonzayo lapho ngikhonza ibandla labo.”