Incwadi Yegatsha
Bamemezeli BoMbuso Abathandekayo:
Njengoba kuqala unyaka wenkonzo omusha, sekwakhiwe isifunda esisha ensimini yegatsha laseNingizimu Afrika, okwenza zibe ngu-14 izifunda ezintsha ezakhiwe kule minyaka eyisithupha edlule. Insimu yegatsha laseNingizimu Afrika isinezifunda ezingu-84 nezigodi ezingu-6.
Kwenziwa umsebenzi omuhle kakhulu ngokuqondene nokushumayela izindaba ezinhle ensimini yabayizithulu. Kumiswe amanye amabandla amabili olimi lwezandla, elilodwa ePitoli elinye eKapa. Ngaphezu kwamabandla amathathu olimi lwezandla esinawo, sekunamaqembu olimi lwezandla angaphezu kwangu-30 emabandleni ahlukahlukene eNingizimu Afrika nasemazweni angomakhelwane anakekelwa igatsha lethu. Ungazenza yini utholakalele ukufunda ulimi lwezandla ukuze usize kule nsimu eyinselele?
Izivakashi zifika ngobuningi zizobona ingxenye enezelwe yendawo yokunyathelisa eseyaqedwa ukwakhiwa. Kusukela kwaqala ukusebenza umshini omusha wokunyathelisa i-MAN ngo-June 2004 kanye nomshini wokuhlanganisa izincwadi ngo-September 2004, kuye kwafika abantu abangaphezu kwezinkulungwane eziyishumi bezobuka igatsha. Ngelinye iholide sajabula kakhulu ukuba nezivakashi ezingu-2 519. Uma ubungakezi ukuzobuka iBethel muva nje, siyakumema ukuba uvakashe. Kodwa khumbula ukuthi alikho ilungiselelo lokubuka indawo ngoMgqibelo. Imishini yokunyathelisa nowokuhlanganisa izincwadi, kanye neminye iminyango eminingi, ayisebenzi ngoMgqibelo.
Ukwakhiwa kwesakhiwo esisha sokuhlala nokunwetshwa kwegumbi lokudlela kuqalile ngo-August 2005. Lo msebenzi uzokwenziwa izinkampane zangaphandle. Abazalwane abaqeqeshiwe bazohlola isimo somsebenzi baqinisekise ukuthi usezingeni eliphezulu. Kulinganiselwa ukuthi kuzothatha izinyanga ezingaba ngu-15 ukuqeda lo msebenzi. Ngo-June 4, 2005, ikilasi lesine futhi elingelokugcina lesikole sababonisi abajikelezayo laphothula izifundo zalo. Lokhu kusho ukuthi ababonisi bezigodi nabezifunda abangu-91 abakhonza ngaphansi kwegatsha laseNingizimu Afrika sebekutholile lokhu kuqeqeshwa okukhethekile kwamasonto angu-8 futhi bakuhlomele kangcono ukukhonza izidingo zensimu.
Wonke lo msebenzi wentshiseko wokuthuthukisa izithakazelo zoMbuso uyancomeka! Sikwazisa kakhulu nokusekela kwenu ngezimali ngesandla esivulekile. (IzAga 3:9, 10) Kwangathi uJehova angaqhubeka ebusisa imizamo yethu yobunye ‘yokukhonza ngenxa yodumo lwenkazimulo yakhe.’—Efe. 1:12.
Abafowenu,
IHhovisi Legatsha LaseNingizimu Afrika