UMhlangano Wesigodi WoFakazi BakaJehova Ka-2006 Onesihloko Esithi “Ukukhululwa Kuseduze!”
1. Endulo, abantu bakaNkulunkulu babonisa kanjani ukuthi bayakwazisa ukukhulekela kweqiniso, futhi thina sinaliphi ithuba elifanayo namuhla?
1 Inkosi yakwaJuda wasendulo, uHezekiya, yathumela izithunywa ukuba zihambise kubantu izincwadi ezibamemela ukuba babuthane eJerusalema. (2 IziKr. 30:6, 13) Indlela abantu abasabela ngayo yabonisa ukuthi bakubheka kanjani ukukhulekela kweqiniso. (2 IziKr. 30:10-12) Ezinyangeni ezizayo, izinceku zikaJehova zanamuhla zizoba nethuba elifanayo lokubonisa ngokusuka enhliziyweni ukuthi ziyalazisa ilungelo lokubuthana ukuze zikhulekele uJehova. Kuye kwathunyelwa incwadi ebandleni lenu ekumemela ukuba ube khona eMhlanganweni Wesigodi onesihloko esithi “Ukukhululwa Kuseduze!” Uzosamukela yini leso simemo?
2. Yini esingayenza manje ukuze sizuze ngokugcwele emhlanganweni?
2 Yenza Amalungiselelo Manje: Ukuze uzuze ngokugcwele esimisweni esingokomoya esilungiselelwe sona ngothando, kudingeka ube khona kuso sonke isimiso. Ngonyaka odlule, ababekhona ngoLwesihlanu babengu-101 317. NgeSonto babengu-143 687. Lokhu kusho ukuthi kunabangu-42 370 abangakutholanga ukudla okungokomoya ngoLwesihlanu. Singasigwema kanjani lesi simo? Yenza ngokuhlakanipha uqale kusemanje ukwenza noma imaphi amalungiselelo okuba wena nomkhaya wakho nibe khona ngazo zontathu izinsuku zomhlangano. (IzAga 21:5) Lawo malungiselelo angase ahlanganise ukucela leso sikhathi kumqashi wakho, ukuxoxa ngezinhlelo zakho noshade naye ongeyena uFakazi, ukwenza amalungiselelo okulala nokusiza abantu ofunda nabo iBhayibheli ukuba babe khona usuku nosuku. Uma izikole ziyobe zingakavalwa, siza wazise uthishanhloko wesikole ngomhlangano nokuthi ingane yakho iyobe ingekho ngalowo Lwesihlanu. Ungalindi kuze kube umzuzu wokugcina ukulungisa lezi zinto ezibalulekile. Thandaza ngazo kuJehova, wethembe ukuthi “yena uyothatha isinyathelo.”—IHu. 37:5.
3. Kungani kufanele senze ngokuvumelana namalungiselelo ezindawo zokulala?
3 Inhlangano kaJehova iye yasebenza kanzima ukuze iqiniseke ukuthi kunezindawo zokulala ezanele kuwo wonke amadolobha okuzobe kuqhutshelwa kuwo umhlangano. Ukwazisa ukuzidela kwabafowethu abakhuthele abaye basiza lapho kwenziwa la malungiselelo, ukucabangela esikanye nabo emhlanganweni nokuhlonipha izinhlelo ezingokwasezulwini kufanele kusishukumisele ukuba senze ngokweziqondiso ezikulesi sihloko.—1 Kor. 13:5; 1 Thes. 5:12, 13; Heb. 13:17.
4. Yimaphi amaphuzu abalulekile okufanele siwakhumbule njalo lapho sibhalisela izindawo zokulala, futhi ngani?
4 Ukufuna Indawo Yokulala Ehhotela/Endlini Yezihambi/E-Caravan Park: Kubalulekile ukubhalisela kuphela indawo yokulala ozoyisebenzisa phakathi nomhlangano. Kumelwe ukhokhe imali yokubekisa (deposit) ukuze uqiniseke ukuthi nakanjani uzoyithola leyo ndawo yokulala. Ungaxhumana noMnyango Wezindawo Zokulala ukuze ubhalisele indawo yokulala.
5, 6. Banganakekelwa kanjani labo abanezidingo ezikhethekile?
5 Abanezidingo Ezikhethekile: IzAga 3:27 zithi: “Ungabagodleli okuhle labo okubafanele, lapho kusemandleni esandla sakho ukukwenza.” Ungabenzela kanjani okuhle abanye ngokuqondene nomhlangano wesigodi? Abamemezeli asebekhulile, abagulayo, abasenkonzweni yesikhathi esigcwele nabanye bangase badinge usizo ngokuqondene nezinto zokuhamba noma indawo yokulala. Yizihlobo ngokuyinhloko ezinomthwalo wemfanelo wokunakekela izidingo zalaba bantu. (1 Thim. 5:4) Uma zingeke zikwazi, amanye amakholwa angase akwazi ukusiza. (Gal. 6:10) Ababonisi bezifundo zencwadi kufanele bakhulume nalabo abasemaqenjini abo abanalezi zidingo ezikhethekile ukuze baqiniseke ukuthi konke kuhleliwe kusenesikhathi kuyiwe emhlanganweni.
6 Abamemezeli abadinga ukufaka izicelo zezindawo zokulala bangalithola ifomu elithi Isicelo Sendawo Yokulala. IKomiti Yenkonzo Yebandla kufanele icabangele ukufaneleka kommemezeli, isebenzise iziqondiso zaleli fomu kanye nencwadi yango-July 15, 2006, eyabhalelwa zonke izindikimba zabadala. Leli lungiselelo elabamemezeli abanokuma okuhle ebandleni, kanye nezingane zabo ezinesimilo.
7. (a) Kungani kufanele siye emhlanganweni esabelwe kuwo? (b) Yini okufanele yenziwe uma ngenxa yezimo kudingeka uye komunye umhlangano?
7 Ukuya Komunye Umhlangano Wesigodi: Ukuze kuqinisekwe ukuthi kuzoba nendawo yokuhlala, izincwadi, izindawo zokulala ezanele njalonjalo, ukhuthazwa ukuba uye emhlanganweni ibandla lakini elabelwe kuwo. Uma ngenxa yezimo kudingeka uye komunye umhlangano ezweni lakini, cela unobhala webandla akuphe ikheli lomhlangano ozoya kuwo. Qiniseka ukuthi ufaka imvilophu enesitembu ebhalwe igama nekheli lakho kanye nesicelo sakho sendawo yokulala nesanoma imiphi eminye imininingwane eyengeziwe. Uma kuzobe kunomhlangano ongaphezu kowodwa kulelo dolobha, yisho izinsuku zomhlangano ozoya kuwo.
8. Iyiphi enye indlela esingafaka ngayo isandla ekwenzeni umhlangano wesigodi ozayo ube injabulo?
8 Izisebenzi Zokuzithandela: Akubuzwa ukuthi bonke abazoya emhlanganweni bazothola injabulo enkulu futhi ukudla okungokomoya namathuba okwakhana kuzozuzisa. Injabulo yethu izoba nkulu nakakhulu uma sivolontiya ukusiza emsebenzini ozokwenza umhlangano ube impumelelo. (IzE. 20:35) AmaKomiti OMhlangano endawo azocela abathile maduze ukuba basize kulo msebenzi. Wena ungakwazi yini ukusiza?—IHu. 110:3.
9. Yini oyazisayo ngomhlangano wesigodi waminyaka yonke, futhi kufanele uzimisele ukwenzani?
9 Ngesikhathi esemhlanganweni wesigodi, umfanyana oneminyaka emihlanu wathi: “Into engiyithanda kakhulu ngokukhulekela uJehova ukuya emhlanganweni wesigodi.” Lawo mazwi asuka enhliziyweni asisiza sonke ukuba sibone indlela esikujabulela ngayo ukuya emihlanganweni yesigodi yaminyaka yonke. Sinanela amazwi engoma yomhubi: “Usuku emagcekeni akho lungcono kuneziyinkulungwane kwenye indawo.” (IHu. 84:10) Engomeni yakhe, uDavide wabonisa isifiso sakhe ‘sokuhlala endlini kaJehova zonke izinsuku zokuphila kwakhe ukuze abuke ithempeli likaJehova ngokwazisa.’ (IHu. 27:4) Kwakumjabulisa kakhulu uDavide ukuba phakathi kwabakhulekeli bakaJehova. Kwangathi nathi singakwazisa njengaye ukukhulekela kweqiniso ngokuba khona ngazo zontathu izinsuku eMhlanganweni Wesigodi onesihloko esithi “Ukukhululwa Kuseduze!”
[Ibhokisi ekhasini 3]
Izikhathi Zesimiso
NgoLwesihlanu
9:00 ekuseni- 4:25 ntambama
NgoMgqibelo
9:00 ekuseni- 4:15 ntambama
NgeSonto
9:00 ekuseni- 3:20 ntambama