“Zonke Izindaba Zenu Mazenzeke Ngothando”
1 “Kuyinjabulo ukusebenzelana namalungu enu; aziphatha ngesizotha esikhulu nenhlonipho.” Lawo mazwi ashiwo ihhovisi lemihlangano nezokuvakasha edolobheni lase-United States okwakuzoqhutshelwa kulo omunye wemihlangano yethu yesigodi. Kuyasikhuthaza uma situswa kanjena ngenxa yokuziphatha kwethu emphakathini. Lokhu kubonisa ukuthi njengenhlangano senza ukuba ‘zonke izindaba zethu zenzeke ngothando.’ (1 Kor. 16:14) Ngesikhathi esifanayo, kunezinye izinto ezisikhathazayo okungathi uma ziyekwa zithunaze idumela elihle labantu bakaNkulunkulu.
2 Izindawo Zokulala: Edolobheni lomhlangano ngalinye, kumiswa uMnyango Wezokulala ukuze uxoxisane namahhotela, izikole nabantu ngabanye ngamanani aphansi ukuze wonke umuntu akwazi ukuba khona emhlanganweni. Abanye baye balaliswa ngisho nasemaHholo OMbuso. Abafowethu basebenzisa isikhathi esiningi benze nomzamo omkhulu ngenxa yethu. Ngakho kudingeka sibonise ukwazisa ngendawo yokulala elungiselelwe.
3 Sicela nikhumbule ukuthi lapho ihhotela lilungiselela izivakashi zalo ukudla kwasekuseni, kumelwe sikubheke njengoba kunjalo—ukudla kwasekuseni kokubonga labo abalala khona. Akuhloselwe ukuba sikuthathe sihambe nakho ukuze sikudle kamuva noma sikuhlanganyele nabangane emhlanganweni.
4 Ukwenza Okuhle Kubo Bonke: Inhlonipho nokuziphatha okuyisibonelo kushukunyiswa uthando ngoJehova nangomakhelwane bethu. (Math. 22:37-39; Jak. 3:13) IBhayibheli lisinxusa ukuba sibe nothando futhi sibacabangele bonke abantu. (Gal. 6:10) Ngokuqinisekile leso simiso siyasebenza lapho silala emahhotela. Uma singazimisele ukubambisana nabo singcolisa idumela lethu, sibeke engozini ilungiselelo lokuthola amanani ehlisiwe futhi sibangele imizwa ebuhlungu kubafowethu.
5 OFakazi baziwa ngezindinganiso zabo zokuhlanzeka eziphakeme. Enye iKomiti YoMhlangano yabika, “Ekuqaleni indoda eyayiphethe kwenye indawo yokulala yayingabambisani kahle nathi. Lapho ibona ukuziphatha kwabafowethu nodadewethu kancane kancane isimo sayo sengqondo sashintsha. Ekuseni yafika neqembu labantu bezohlanza indawo yokulala, icabanga ukuthi ishiywé ingcolile futhi igcwele udoti, njengoba kuye kwenze amanye amaqembu. Yeka indlela eyamangala ngayo lapho ithola ukuthi abazalwane babeshiye lendawo ihlanzekile futhi ihlelekile. Yaphawula, ‘Ngiyaqala ukubona abantu abanjena. Ngifuna nenze isimemezelo emhlanganweni wenu nibabonge ngokuba kwabo abantu abakahle kanje.’” Kwangathi sonke singaqiniseka ukuthi sigcina izinga eliphakeme lokuhlanzeka kokubili endaweni yomhlangano nalapho silala khona.
6 Unobhala ebandleni ngalinye kufanele a-ode amafomu ezicelo zendawo yokulala eNhlanganweni, uma engakawa-odi. La mafomu kufanele agcwaliswe ummemezeli futhi abuyiselwe kunobhala, oyobe esewathumela endaweni yomhlangano efanele. Incwadi ka-July 31, 2000, eyayibhalelwe Wonke Amabandla, inemininingwane ephathelene nalokhu.
7 Sikulindele ngokulangazela okukhulu ukuba seMhlanganweni Wesigodi ‘Wabenzi Bezwi LikaNkulunkulu.’ Ingabe usuwenze wonke amalungiselelo, kuhlanganise namalungiselelo endawo yokulala nawokuhamba? Kwangathi ukuziphatha kwethu lapho siyobe silele khona nasedolobheni lomhlangano njalo kungabonisa iqiniso elisezinhliziyweni zethu nothando lwethu ngoMdali wethu.