Fundisa Abamnene Ukuhamba Endleleni KaNkulunkulu
1. Yini ehilelekile ekwenzeni abafundi?
1 Abafundi bakaKristu bekhulu lokuqala babebizwa ngokuthi abaleyo “Ndlela.” (IzE. 9:2) Ukuba umKristu weqiniso kuhilela zonke izici zendlela yokuphila. (IzAga 3:5, 6) Ngakho, lapho siqhuba izifundo zeBhayibheli, kudingeka senze okungaphezu kokudlulisela ulwazi olunembile lwezimfundiso zeBhayibheli. Kumelwe futhi sisize abantu esibafundela iBhayibheli ukuba bahambe endleleni kaJehova.—IHu. 25:8, 9.
2. Yini engashukumisa umuntu ofundelwa iBhayibheli ukuba alalele imiyalo kaNkulunkulu?
2 Ukuthanda UJehova NoJesu: Akuve kunzima ngabantu abangaphelele ukuvumelanisa ukucabanga, izimo zengqondo, ukukhuluma nokuziphatha kwabo nentando kaNkulunkulu. (Roma 7:21-23; Efe. 4:22-24) Nokho, uthando ngoNkulunkulu nangeNdodana yakhe kushukumisela abantu abamnene ukuba bakwazi ukubhekana nale nselele. (Joh. 14:15; 1 Joh. 5:3) Singabasiza kanjani abantu esibafundela iBhayibheli ukuba bahlakulele lolu thando?
3. Singabasiza kanjani abantu esibafundelayo ukuba bahlakulele uthando ngoJehova nangoJesu?
3 Siza umuntu omfundelayo azi ukuthi uJehova ungumuntu onjani. Omunye umzalwane wachaza, “Abantu abanakumthanda umuntu abangamazi, ngakho zisuka nje, ngibafundisa igama likaNkulunkulu eliseBhayibhelini, futhi ngiye ngifune amathuba okugcizelela izimfanelo zikaJehova.” Indlela enhle kakhulu yokwenza lokhu iwukuqokomisa isibonelo sikaJesu. (Joh. 1:14; 14:9) Ngaphezu kwalokho, lisebenzise ibhokisi lokubukeza elisekugcineni kwesahluko ngasinye sencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli ukuze usize umfundi acabange ngezimfanelo ezinhle kakhulu zikaNkulunkulu nezeNdodana yakhe.
4. (a) Kungani kunzima ngabantu abaningi abafundelwayo ukushumayela? (b) Singabasiza kanjani abantu esibafundelayo lapho beqala ukuya enkonzweni yobuKristu?
4 Yiba Isibonelo: Njengoba singabafundisi nabaqondisi, sibonisa abanye ngezenzo zethu ukuthi kusho ukuthini ukuhamba endleleni kaNkulunkulu. (1 Kor. 11:1) Ngokwesibonelo, abantu abaningi abafundelwa iBhayibheli abajwayele ukuya kubantu abangabazi bayoxoxa nabo ngezinkolelo zabo. Ngakho, kungase kudingeke ube nesineke futhi ube nekhono ukuze ubasize babe nothando, ukholo nesibindi esidingekayo ukuze bahlanganyele emsebenzini wokushumayela nokwenza abafundi. (2 Kor. 4:13; 1 Thes. 2:2) Isifiso sethu sokuqondisa abantu esibafundelayo siyosishukumisela ukuba sibasekele lapho beqala ukuya enkonzweni yobuKristu.
5. Ukuba isibonelo esihle kubasiza kanjani abantu abafundelwayo ukuba babone ukuthi yini ehilelekile ekulaleleni imiyalo kaNkulunkulu?
5 Isibonelo sakho singafundisa abafundi ezinye izici ezibalulekile zokuphila kobuKristu. Bayozibonela uthando lapho uvakashela abagulayo noma lapho ubingelela abanye ngemfudumalo emihlanganweni yebandla. (Joh. 15:12) Uma uba khona lapho kuhlanzwa iHholo LoMbuso noma usiza abanye abantu, usuke ubafundisa indlela yokukhonza abanye. (Joh. 13:12-15) Lapho bebona ukuthi uphila ukuphila okulula, bayabona ukuthi kusho ukuthini ‘ukuqhubeka ufuna kuqala umbuso.’—Math. 6:33.
6. Ukusiza abantu abamnene ukuba bakhonze uJehova kuba namuphi umphumela?
6 Umsebenzi wokufundisa abanye iZwi likaNkulunkulu nowokwenza abafundi udinga umzamo omkhulu. Kodwa yeka ukuthi kujabulisa kanjani ukubona abamnene ‘beqhubeka behamba eqinisweni’!—3 Joh. 4.