Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda June 1
“Ingabe ucabanga ukuthi zonke izinkolo ziyamukeleka kuNkulunkulu? [Lindela impendulo.] Iyathakazelisa indlela uNkulunkulu asabela ngayo lapho ama-Israyeli asendulo esebenzisa imikhuba engokwenkolo yezizwe ezaziwazungezile. [Funda uHezekeli 6:6.] Lesi sihloko siphendula umbuzo othi, ‘Ingabe Kunendaba Ukuthi Simkhulekela Kanjani UNkulunkulu?’” Khulumela isihloko esiqala ekhasini 9.
Phaphama! June
“Akungabazeki ukuthi uzovuma ukuthi iminyaka yokweva eshumini nambili iyinselele kakhulu entsheni nakubazali bayo. Ingabe ucabanga ukuthi ukulandela lesi seluleko kungawathuthukisa amakhono abazali? [Funda uJakobe 1:19 bese ulindela impendulo.] Uzokujabulela ukusikisela okuwusizo, okusekelwe eBhayibhelini kulo magazini.”
Inqabayokulinda July 1
“Sonke sibhekana nobuhlungu bokushonelwa othandekayo. Ngezikhathi ezinjalo, ingabe ucabanga ukuthi iBhayibheli lingasiza? [Lindela impendulo bese ufunda iHubo 55:22.] Lo magazini uxoxa ngezinye zezindlela eziwusizo iBhayibheli elikhuluma ngazo zokubhekana nalesi simo.”
Phaphama! July
“Abantu abashadile bangaphansi kokucindezeleka okungapheli, futhi imishado eminingi iyachitheka. Ingabe ucabanga ukuthi ukulandela lesi seluleko kungayiletha impumelelo emshadweni? [Funda izAga 12:18 bese ulindela impendulo.] Lo magazini uxoxa ngezinye zezimiso zeBhayibheli ezingasiza abashadile ukuba baqinise ubuhlobo babo.”