Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda July 15
“Ucabanga ukuthi uyoke ube khona uhulumeni okwazi ukuxazulula izinkinga zabantu? [Lindela impendulo.] Emazwini akhe akuMathewu 6:9, 10, uJesu wafundisa abafundi bakhe ukuba bathandazele uhulumeni onjalo. [Wufunde.] Lo magazini uchaza isizathu esenza uMbuso kaNkulunkulu ube ngcono kohulumeni babantu, uphinde uchaze izibusiso oyozilethela abantu.”
Phaphama! July
Lapho uhlangana nomuntu osemusha, ungase uthi: “Ontanga yakho abaningi bacabanga ngomshado. Ucabanga ukuthi ungakuthola kuphi ukwaziswa okunokwethenjelwa ngale ndaba? [Lindela impendulo.] Ake uzwe ukuthi ubani owasungula umshado. [Funda uMathewu 19:6.] Lo magazini uxoxa ngezinye zezimiso zeBhayibheli ezisisiza ukuba sakhe imishado ejabulisayo.”
INqabayokulinda Aug. 1
“Akuve kuvamile namuhla ukubona abantu bephatha kabi abanye. Ucabanga ukuthi izinto beziyoshintsha ukube abantu abaningi bebenza okushiwo yila mazwi kaJesu? [Funda uMathewu 7:12, bese ulindela impendulo.] Lo magazini unamaphuzu avela eBhayibhelini abonisa indlela bonke abayolithola ngayo ilungelo eliyisisekelo lokuhlonishwa njengabantu.”
Phaphama! Aug.
“Sonke siyafuna ukunakekelwa kahle ngokwempilo. Bewazi yini ukuthi odokotela abaningi namuhla abakuthandisisi ukumpompela igazi. [Lindela impendulo.] Lo magazini uchaza isizathu salokho. Uchaza nesizathu esiseBhayibhelini esenza uNkulunkulu abheke igazi njengeliyigugu.” Funda uLevitikusi 17:11.