Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda Aug. 1
“Ingabe uyavumelana nami ukuthi ukulalela lo myalo kaJesu bekunganezela injabulo emkhayeni? [Funda uJohane 13:34 bese ulindela impendulo.] Lesi sihloko sibonisa indlela izimfundiso zikaJesu nesibonelo sakhe okusebenza ngayo elungwini ngalinye lomkhaya.” Khulumela isihloko esisekhasini 16 no-17
Phaphama! Aug.
“Ingabe ucabanga ukuthi ohulumeni babantu bazoyixazulula ngempumelelo inkinga yokufudumala kwembulunga yonke? [Lindela impendulo bese ufunda uJeremiya 10:23.] Uzosijabulela lesi sihloko. Siveza isisombululo sikaNkulunkulu ngezinkinga ezikhungethe iplanethi yethu.”
INqabayokulinda Sept. 1
“Abantu abaningi bawajwayele amazwi kaJesu akuMathewu 6:9. [Funda.] Kodwa, abaningi bakuthola kunzima ukuzizwa besondele kuNkulunkulu njengoBaba. Ucabanga ukuthi singasondela kanjani kuNkulunkulu? [Lindela impendulo.] Lo magazini ukhuluma ngezimfanelo ezihlukahlukene zikaBaba wethu osezulwini nendlela esingamazi kangcono ngayo.”
Phaphama! Sept.
“Phakathi namakhulu eminyaka adlule, kube nezimpikiswano ngokuphathelene nokuphila ngemva kokufa. Uyini umbono wakho? [Lindela impendulo.] Phawula inkolelo uJobe ayenayo. [Funda uJobe 14:14, 15.] Lezi zihloko ziveza umbono weBhayibheli ngokuphila ngemva kokufa.”