Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/12 k. 1
  • “Yibani Nokuthula Nabantu Bonke”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Yibani Nokuthula Nabantu Bonke”
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukuphendula Umninikhaya Othukuthele
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2015
  • Sinesibindi, Nokho Sinokuthula
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Siza Umninikhaya Ukuba Acabange
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • Sebenzisa UMthetho Wegolide Enkonzweni Yakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
km 12/12 k. 1

“Yibani Nokuthula Nabantu Bonke”

1. Isiphi iseluleko seBhayibheli okufanele sisisebenzise lapho sibhekene nabaninikhaya abathukuthele?

1 Abantu bakaJehova bathanda ukuthula, kanti nenkonzo yethu ngeyokuthula. (Isaya 52:7) Nokho, ngezinye izikhathi sibhekana nabantu abathukutheliswa ukufika kwethu emizini yabo. Yini eyosisiza ukuba sibe nokuthula kulezo zimo?—Roma 12:18.

2. Kungani kubalulekile ukuba sibe nokuqonda?

2 Yiba Nokuqonda: Nakuba abanye bethukutheliswa ukuthi bamelene neqiniso, kungenzeka abanye basuke becasulwe yizinto ezingahlangene nesigijimi sethu. Kungenzeka sifike ngesikhathi esibi. Mhlawumbe umninikhaya ucasulwe izinkinga zakhe. Ngisho noma kuyizindaba ezinhle ezimcasulile, kufanele sikhumbule ukuthi ukusabela kwakhe kungenzeka kubangelwa ukuthi udukisiwe. (2 Kor. 4:4) Ukuba nokuqonda kuyosisiza sihlale sizolile futhi singabi nomuzwa wokuthi uthukuthelele thina.—IzAga 19:11.

3. Singambonisa kanjani inhlonipho umninikhaya?

3 Bonisa Inhlonipho: Abaningi ensimini yethu babambelele ngokuqinile ezinkolelweni zabo. (2 Kor. 10:4) Banelungelo lokuzikhethela ukuthi bayolalela yini noma cha. Ngeke neze sifune ukululaza izinkolelo zomninikhaya noma sibonise isimo sengqondo sokuthi singcono. Uma sicelwa ukuba sihambe, kufanele sikuhloniphe lokho.

4. Kusho ukuthini ukukhuluma ngomusa?

4 Khuluma Ngomusa: Ngisho noma sichwenswa, impendulo yethu kufanele ibe mnene futhi ibe nomusa. (Kol. 4:6; 1 Pet. 2:23) Kunokuba uzihilele empikiswaneni, zama ukuthola enivumelana ngakho. Mhlawumbe singazama ngomusa ukuthola izizathu zokuphikisa komninikhaya. Nokho, ukuze sigweme ukumcasula nakakhulu, ngezinye izikhathi kungcono singazami ukuqhubeka nengxoxo.—IzAga 9:7; 17:14.

5. Iziphi izinzuzo ezilethwa ukuba nokuthula enkonzweni?

5 Uma sinokuthula, umninikhaya angase ayikhumbule indlela esasabela ngayo abese elalela lapho omunye ezama ukufakaza kuye ngesinye isikhathi. (Roma 12:20, 21) Ngisho noma ebonakala ephikisa ngokuqinile, kungenzeka abe umzalwane wethu ngolunye usuku. (Gal. 1:13, 14) Kungakhathaliseki ukuthi uyogcina ebe nesithakazelo yini eqinisweni noma cha, siyodumisa uJehova futhi sihlobise imfundiso yethu uma silondoloza ukuzithiba futhi siba nokuthula.—2 Kor. 6:3.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela