Umoya Wokuzinikela Uletha Izibusiso
1. UDavide noNehemiya bawubonisa kanjani umoya wokuzinikela?
1 Lapho uGoliyati eklolodela amabutho akwa-Israyeli, omunye walawo masosha wayengalwa naye. Kodwa ngumfana ongumalusi, owayengaqeqeshiwe kwezempi, owazinikela. (1 Sam. 17:32) Lapho amaJuda adingisiwe ebuyela eJerusalema futhi ehluleka ukwakha izindonga, ngumphathindebe wenkosi yasePheresiya owakhetha ukushiya isikhundla sakhe esihloniphekile esigodlweni ukuze aye eJerusalema ayohlela umsebenzi. (Neh. 2:5) UJehova wawabusisa womabili la madoda, uDavide noNehemiya, ngomoya awubonisa.—1 Sam. 17:45, 50; Neh. 6:15, 16.
2. Kungani amaKristu kufanele abonise umoya wokuzinikela?
2 Namuhla, umoya wokuzinikela uyantuleka ezweni. Kulezi “zinsuku zokugcina,” abantu baphila ukuphila okumatasa kakhulu, futhi abaningi ‘bayazithanda.’ (2 Thim. 3:1, 2) Kulula ngomuntu ukuba agxile ezintweni zakhe siqu aze angawanaki namathuba okuzinikela lapho kunesidingo sokusiza abanye. Nokho, njengamaKristu, sifisa ukulingisa uJesu, owathatha isinyathelo kuqala ukuze asize abanye. (Joh. 5:5-9; 13:12-15; 1 Pet. 2:21) Singawubonisa kanjani umoya wokuzinikela, futhi iziphi izibusiso esingazithola?
3. Umoya wokuzinikela uyifeza kanjani ingxenye ebalulekile emihlanganweni yebandla?
3 Ngokusiza Abafowethu: Singadlulisela ‘isipho esingokomoya’ kwabanye ngokuphendula lapho izinkulumo zomhlangano zidinga ukuhlanganyela kwezilaleli. (Roma 1:11) Ukuphendula kudumisa uJehova, kugxilisa iqiniso ngokwengeziwe ezingqondweni nasezinhliziyweni zethu, futhi kusenza sijabulele imihlangano. (IHu. 26:12) Singavolontiyela nokunikeza inkulumo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini lapho owabelwe inkulumo engekho. Lokhu kuyosisiza ukuba sithuthukise amakhono ethu okufundisa.
4. Iziphi ezinye izindlela esingabonisa ngazo umoya wokuzinikela?
4 Abazalwane bangabonisa umoya wokuzinikela ngokulwela ukufinyelela amalungelo okunakekela imithwalo yebandla. (Isaya 32:2; 1 Thim. 3:1) Sonke singasiza ukuze imihlangano emincane nemikhulu iqhubeke kahle ngokusebenza ngokuzithandela eminyangweni ehlukahlukene. Uma sizinikela ukuze sisebenze nombonisi ojikelezayo enkonzweni noma simlungiselele ukudla, lokhu kuphumela ‘ekukhuthazaneni.’ (Roma 1:12) Uma sisiza izintandane, abafelokazi, abagulayo, omama abanezingane ezincane nabanye abantu abasebandleni, sithola injabulo futhi uJehova uyasamukela.—IzAga 19:17; IzE. 20:35.
5. Iziphi izindaba eziphathelene namaHholo OMbuso ezidinga izisebenzi ezizimisele ukusiza?
5 Enye indlela esinganikela ngayo ngesikhathi namandla ethu ukusiza ekuhlanzeni nasekunakekeleni iHholo LoMbuso. Ngaphezu kwalokho, ngenxa yokuthi abantu abaningi beza eqinisweni, kunesidingo esikhulu samaHholo OMbuso amasha namavolontiya azowakha. Omunye umbhangqwana wazenza watholakalela ukusiza iKomiti Yokwakha Yesifunda sakubo nakuba wawungenawo amakhono okwakha. Ngokuhamba kwesikhathi, lo mbhangqwana waqeqeshwa futhi manje usiza ekubekeni isitini. Inkosikazi ithi: “Ukusebenza nabanye kuye kwaphumela ebunganeni obuseduze kakhulu. Ekupheleni kosuku sisuke sikhathele kodwa siqabulekile ngokomoya.”
6. Kungani inkonzo iwumsebenzi wokuzinikela obaluleke kunayo yonke esingayenza?
6 Ngokushumayela: Umsebenzi wokuzinikela obaluleke kunayo yonke esingayenza namuhla umsebenzi wokushumayela ngoMbuso. Njengoba abantu besizwa ukuba baqonde futhi basebenzise iseluleko seBhayibheli, bathola injongo ekuphileni namandla okunqoba imikhuba elimazayo. Bafunda ngethemba elakhayo lekusasa elitholakala eBhayibhelini. Ngokunikeza imfundo yeBhayibheli, senza inkonzo yokuzinikela ejabulisayo enezinzuzo ezihlala njalo. (Joh. 17:3; 1 Thim. 4:16) Mhlawumbe izimo zethu zingasivumela ukuba sihlanganyele kakhudlwana kulo msebenzi ngokuba amaphayona asizayo noma avamile, ngokuthuthela lapho kunendingeko enkulu khona noma ngokufunda olunye ulimi.
7. Kungani ukuzinikela kubaluleke kakhulu namuhla?
7 INkosi uDavide yaprofetha ukuthi ngesikhathi uMesiya ayoqala ngaso ukubusa, abantu bakaNkulunkulu ‘babeyozinikela ngokuzithandela.’ (IHu. 110:3) Njengoba uJehova esheshisa umsebenzi wokugcina wokuvuna okungokomoya, kunomsebenzi omningi odinga ukuzinikela ukuze siwenze. (Isaya 60:22) Ingabe uye wathi: “Nangu mina! Thuma mina”? (Isaya 6:8) Ngempela, ngokubonisa umoya wokuzinikela, sijabulisa uJehova futhi siyovuna izibusiso ezicebile.