Ungabakhohlwa Asebepholile
1. Kungani kufanele senze umzamo wokukhuthaza labo asebepholile?
1 Ingabe ukhona umuntu osepholile omaziyo? Mhlawumbe akasahlanganyeli nebandla futhi usekhukhulekile. Kungenzeka uhlangane nalowo muntu lapho usenkonzweni yendlu ngendlu. Kumelwe sikhumbule ukuthi lowo muntu usengumfowethu ongokomoya. Sifuna ukumqinisekisa ngothando lwethu futhi simsize abuyele ebandleni ‘nakumalusi nombonisi wemiphefumulo yethu.’—1 Pet. 2:25.
2. Singamkhuthaza kanjani osepholile?
2 Bonisa Ukukhathalela: Ukuxoxa nomuntu osepholile kafushane ngocingo noma ukumvakashela kungamqinisekisa ukuthi asimkhohliwe. Yini esingayisho? Kungase kumkhuthaze ukumtshela nje ukuthi besicabanga ngaye. Gcina ingxoxo ijabulisa futhi yakha. (Fil. 4:8) Singase sisho iphuzu esilijabulele emhlanganweni wamuva. Singammemela nasemhlanganweni webandla noma wesifunda ozayo futhi simgcinele isihlalo noma simlungiselele into yokuhamba.
3. Udade othile wavuselelwa kanjani?
3 Kwatholakala udade owayeseneminyaka engaphezu kwengu-20 epholile ensimini. Nakuba ayengakufuni ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli, udade owamthola waphindela kuye, wamshiyela omagazini bamuva. Ngemva komhlangano wesigodi, lo mmemezeli waxoxa nalo dade osepholile ngamaphuzu avelele omhlangano, futhi ngokuhamba kwesikhathi wavuseleleka.
4. Kufanele simphathe kanjani umuntu obuyela ekuhlanganyeleni ngokuba khona emihlanganweni?
4 Lapho Othile Ebuya: Lapho umzalwane osepholile eqala ukuza emihlanganweni, kufanele simphathe kanjani? UJesu wabaphatha kanjani abafundi bakhe ngemva kokuba bemlahlile okwesikhashana? Ngomusa wababiza ngokuthi ‘abafowabo’ futhi wabonisa ukuthi uyabethemba. Waze wabanika nesabelo esibalulekile. (Math. 28:10, 18, 19) Ngokushesha ngemva kwalokho, babematasa bememezela izindaba ezinhle “ngaphandle kokuyekethisa.”—IzE. 5:42.
5. Yisho izimo lapho kufanele sikhulume khona nabadala ngomuntu osepholile.
5 Ngaphambi kokuba sisikisele ukufunda iBhayibheli nothile osepholile noma ngaphambi kokumema umzalwane osenesikhathi eside epholile ukuba aye nathi ensimini, kufanele sicele isiqondiso kubadala. Uma sihlangana nommemezeli osepholile ensimini, kufanele sazise abadala ukuze banikeze usizo oludingekayo.
6. Iyiphi injabulo esingase siyithole ngokusiza labo asebepholile?
6 Njengoba iBhayibheli libonisa ngokucacile, yilabo abaligijima baliqede ibanga kuphela abayothola insindiso. (Math. 24:13) Ngakho-ke, qaphela labo okungenzeka baye bakhubeka noma bakhukhuleka. Uma sibonisa uthando lukaJehova ngesineke ngokuba nesithakazelo esiqotho kwabanjalo, singase sithole injabulo yokubabona behlanganyela nathi futhi enkonzweni engcwele.—Luka 15:4-10.