Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 9/07 k. 1
  • Ukwenza Okwengeziwe Enkonzweni Yethu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukwenza Okwengeziwe Enkonzweni Yethu
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Uyifeza Ngokugcwele Inkonzo Yakho?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • Bafowethu Abasebasha, Niyazama Yini Ukufinyelela Amalungelo Engeziwe?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
  • Izindlela Zokwandisa Inkonzo Yakho
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
  • Qeqeshani Abanye Bafinyelele Amalungelo Enkonzo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
km 9/07 k. 1

Ukwenza Okwengeziwe Enkonzweni Yethu

1 Umphostoli uPawulu wayala amaKristu ukuba ahambe endleleni kaNkulunkulu futhi ‘aqhubeke ekwenza ngokugcwele.’ (1 Thes. 4:1) Lokhu kusho ukuthini kithi? Phakathi kwezinto eziningi, kusho ukuthi kufanele sihlale sifuna izindlela zokwenza okwengeziwe emsebenzini ongokomoya, sizame njalo ‘ukuyifeza ngokugcwele inkonzo yethu.’—2 Thim. 4:5.

2 Isisusa: Ukwenza okwengeziwe enkonzweni yethu kushukunyiswa isifiso sethu sokukhonza uMdali wethu ngokugcwele. Sifuna ukukhula ngokomoya futhi sifune izindlela zokuthuthukisa inkonzo yethu. Ukuba nesimiso esihle nesisusa esifanele kuyosisiza ukuba sifinyelele imigomo engokwasezulwini.—IHu. 1:1, 2; Fil. 4:6; Heb. 10:24, 25.

3 Ukusebenzela ukwandisa inkonzo yethu kudinga ukuba sihlakulele umoya wokupha nowokuzidela. Umoya onjalo singawuhlakulela ngokuzindla ngesibonelo esihle sikaJesu ngosizo lomthandazo. (Math. 20:28) UJesu wathola injabulo enkulu ngokukhonza abanye phakathi nayo yonke inkonzo yakhe. (IzE. 20:35) Singalingisa uJesu ngokubonisa isithakazelo somuntu siqu kubantu nangokuhlala sifuna amathuba okwenza okwengeziwe enkonzweni yethu.—Isaya 6:8.

4 Indima Yabazali: Isifiso sokukhonza abanye nesokwandisa inkonzo yethu singagxiliswa ezinganeni zisezincane. Izingane ziyoyiqaphela inkuthalo yamalungu omkhaya nokushisekela kwawo ukwandisa inkonzo yawo. Ukusebenza nomkhulu wakhe esengumfana emisebenzini engokwasezulwini kwakhuthaza omunye umzalwane ukuba afune ukwenza okwengeziwe. Ukubona inkuthalo nenjabulo kamkhulu wakhe kwamshukumisela ukuba afune amathuba okukhonza abafowabo. Manje uyinceku ekhonzayo.

5 Isidingo Sabazalwane: Uma umuntu efuna ukwenza okwengeziwe “ufisa umsebenzi omuhle.” (1 Thim. 3:1) La mazwi akhuthaza abazalwane ukuba bazame ukufanelekela amalungelo enkonzo engeziwe enhlanganweni kaJehova. Ukwenza kanjalo akudingi iziphiwo ezikhethekile noma amakhono avelele. Umzalwane ozama ukwenza okwengeziwe uyofuna uMbuso kuqala futhi ahlanganyele ngentshiseko enkonzweni. (Math. 6:33; 2 Thim. 4:5) Uyozama ukuba isibonelo esihle kwabanye.

6 Emhlabeni Wonke: UJehova uyakusheshisa ukubuthwa. (Isaya 60:22) Kunesidingo esiphuthumayo sokuba bonke abalingisa isibonelo sikaJesu bafeze inkonzo yabo ngokugcwele. Umbiko womhlaba wonke wonyaka wenkonzo ka-2006 ubonisa ukuthi kwabhapathizwa abangu-248 327. Ngokwesilinganiso, lokho kusho ukuthi usuku ngalunye kwakubhapathizwa abangaphezu kuka-680! Kwangathi sonke singaqhubeka sifuna izindlela zokuyifeza ngokugcwele inkonzo yethu.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela