Landela Isibonelo Esabekwa UJesu
1. Yisiphi isibonelo uJesu asibeka?
1 Lapho sisemsebenzini wokwenza abafundi, kumelwe sikhumbule ukuthi isibonelo sethu singaba nethonya elinamandla kulabo abasibhekile. UJesu wafundisa ngamazwi nangezenzo. Ababembhekile babeyibona intshiseko yakhe, uthando lwakhe ngabantu, isifiso sakhe esigxilile sokungcwelisa igama likaYise nokuzimisela kwakhe ukufeza intando yaKhe.—1 Pet. 2:21.
2. Isibonelo sethu singabathinta ngaziphi izindlela esisebenza nabo enkonzweni?
2 Lapho Sisenkonzweni Yendlu Ngendlu: Njengoba kwakunjalo ngoJesu, isibonelo sethu siyabathonya esisebenza nabo. Abamemezeli abasanda kuhlanganyela nabangenakho okuhlangenwe nakho okungako abasibona sihlanganyela enkonzweni ngentshiseko bayothuthukisa izinga abahlanganyela ngalo emsebenzini wokushumayela. Lapho besibona sijabula futhi sinesithakazelo esiqotho kwabanye, bayokhumbula ukubaluleka kokubonisa lezo zimfanelo enkonzweni yabo. Lapho bebona indlela esikukhuthalele ngayo ukusebenzisa imiBhalo, ukwenza izimpindelo nokuqhuba izifundo zeBhayibheli, bayoshukumiseleka ukwenza okufanayo.
3. Isibonelo sethu singabafundisa kanjani abantu esibafundelayo, futhi yini abangayizuza kuso?
3 Lapho Siqhuba Izifundo ZeBhayibheli: Abantu esibafundela iBhayibheli bayobheka ikakhulu ukuziphatha kwethu. Ngokwesibonelo, nakuba singase sibachazele ngokubaluleka kokulungiselela isifundo sabo, ukubheka imiBhalo nokudwebela amaphuzu ayinhloko, bayobona ukuthi silungiselele yini nathi. (Roma 2:21) Uma sifika ngesikhathi lapho sizobafundela, ngeke bathambekele kakhulu ekuvumeleni ezinye izinto ziphazamise isifundo sabo seBhayibheli. Akungabazeki ukuthi bayokuphawula nokuzidela kwethu ngenxa yenkonzo nokholo lwethu oluqinile. Akumangazi ukuthi labo abafundelwa abantu abasilandela eduze isibonelo sikaJesu ngokuvamile baba abashumayeli bevangeli abashisekayo nabakhiqizayo.
4. Isibonelo sethu sifundisa kanjani lapho sisemihlanganweni yebandla?
4 Lapho Sisemihlanganweni Yebandla: Bonke abasebandleni lobuKristu banengxenye ekufundiseni ngesibonelo emihlanganweni yebandla. Abantu abathakazelayo abaqala ukuya emihlanganweni bayazuza ezibonelweni ezinhle abazibona ebandleni. Bayophawula ukuthi abazalwane banothando, banobunye bobuKristu futhi bagqoka bazilungise ngesizotha. (IHu. 133:1) Bayosiphawula nesibonelo sethu sokuba khona ngokwethembeka emihlanganweni yebandla nokuvuma obala ukholo lwethu. Owayevakashe komunye wemihlangano yethu wabona indlela intombazanyana ethile eyayishesha ngayo ukuthola amavesi eBhayibhelini layo nendlela eyayihambisana ngayo nokufundwa kwawo. Isibonelo sayo samshukumisela ukuba acele isifundo seBhayibheli.
5. Kungani kungafanele nanini sikuthathe kancane ukubaluleka kwesibonelo sethu?
5 ImiBhalo isikhuthaza ukuba silingise izibonelo ezinhle zomunye nomunye. (Fil. 3:17; Heb. 13:7) Ngakho-ke, kufanele sikhumbule ukuthi uma sisilandela eduze isibonelo esabekwa uJesu, abanye bayokubona lokho futhi kungaba nethonya elihle. Siqaphela lokhu, kwangathi singawathatha ngokungathí sina amazwi akweyoku-1 Thimothewu 4:16: “Ziqaphele njalo wena nokufundisa kwakho.”