I-Phaphama! Ekhethekile Ezohanjiswa Ngo-November!
1 Abantu abaningi banemibuzo eqotho ngokuphathelene nokubaluleka kweBhayibheli. Uma lalotshwa abantu, kungashiwo kanjani ukuthi liyiZwi likaNkulunkulu? Yiziphi izizathu zokulethemba ukuba liqondise izinyathelo zami? Uma ngizikhandla ngifunda futhi ngitadisha iBhayibheli, ngizothola mvuzo muni ngalokho? Iyiphi inguqulo yeBhayibheli okufanele ngiyisebenzise? Lena ngeminye yemibuzo ephendulwa i-Phaphama! ekhethekile ka-November enesihloko esithi “Ungalethemba Yini IBhayibheli?”
2 Le Phaphama! sifuna ukuyihambisa kakhulu ngangokunokwenzeka ensimini yethu. Uma kungenzeka, hlanganyela ekuyihambiseni enkonzweni yendlu ngendlu nebandla ngoMgqibelo ngamunye enyangeni ka-November. Yibonise izihlobo, omakhelwane, osebenza nabo, othisha, ofunda nabo esikoleni kuhlanganise nezimpindelo zakho le Phaphama! Phatha amakhophi ayo lapho uyothenga ezitolo nalapho uthatha uhambo. Ihhovisi legatsha lizothumela amakhophi engeziwe ukuze ibandla likwazi ukuba nesitokwe esanele.
3 Qala Isifundo SeBhayibheli: Lapho uwuhambisela othile lo magazini, ungabeka isisekelo sesifundo seBhayibheli ngaphambi kokuphothula ingxoxo. Ngokwesibonelo, ungase uthi: “Ngesikhathi esilandelayo, ngingathanda ukukubonisa impendulo yeBhayibheli yombuzo othi, ‘Iyini injongo kaNkulunkulu ngomhlaba?’” Yibe usuphindela nencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli bese ubonisa umninikhaya amakhasi 4-5, noma nifunde izigaba 1-3 zesahluko 3. Okunye ongase ukusho ukuthi: “Ngesikhathi esilandelayo, ngingathanda ukuba sixoxe ngesiprofetho seBhayibheli esigcwalisekayo njengamanje.” Lapho uphindela, bonisa umninikhaya isahluko 9 sale ncwadi bese nifunda izigaba 1-3. Noma ungavele uthi kumninikhaya: “Abantu abaningi bakuthola kunzima ukuqonda lokho abakufunda eBhayibhelini. Ngesikhathi esilandelayo, ngingathanda ukukubonisa indlela ongaliqonda kangcono ngayo iBhayibheli.” Lapho uphindela, mnike incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli, bese umbonisa indlela isifundo esiqhutshwa ngayo.
4 YiBhayibheli kuphela ‘elinemibhalo engcwele,’ ekwazi ‘ukusihlakaniphisela insindiso.’ (2 Thim. 3:15) Ngakho-ke, sonke sifuna ukuhlanganyela ngentshiseko ekuyihambiseni kabanzi le Phaphama! ekhethekile ukuze sisize abantu balethembe iBhayibheli!