Kumelwe Silondoloze Intshiseko Yethu Ngenkonzo
1 Unyaka ngamunye kusukela ngo-1992, oFakazi BakaJehova bachithe amahora angaphezu kwezinkulungwane eziyisigidi bewenza ngentshiseko umsebenzi womhlaba wonke wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi. Yeka ukuthi sijabula kanjani ngokuthi sibe nengxenyana ekufezeni lo msebenzi omangalisayo!—Math. 28:19, 20.
2 Kuyiqiniso ukuthi konke ukubonga nodumo kungokukaJehova, osisekelile enkonzweni yethu phakathi nalezi ‘zikhathi ezibucayi.’ (2 Thim. 3:1) Yini edingekayo kithi ukuze siqhubeke ngentshiseko siba nengxenye kulo msebenzi obaluleke kangaka?
3 Isizathu Sentshiseko: Uthando olujulile ngoNkulunkulu nangomakhelwane, kuhlanganise nesifiso esisuka enhliziyweni sokugcwalisa ukuzinikezela kwethu, kuyasishukumisa enkonzweni yethu yoMbuso. (Math. 22:37-39; 1 Joh. 5:3) Uthando lusishukumisela ukuba sizidele ukuze sibe nengxenye egcwele emsebenzini wokushumayela.—Luka 9:23.
4 Sebenzela Ukulondoloza Intshiseko: Isitha sethu uDeveli senza yonke imzamo ukuze sinciphise intshiseko yethu ngenkonzo. Ukungasinaki kwalabo abasensimini yethu, iziphazamiso zaleli zwe, ukucindezela kokuphila kwansuku zonke kanye nokukhathazeka ngesimo sethu sempilo, kungezinye zezinto azisebenzisayo emzamweni wokusidumaza.
5 Ngakho-ke, kufanele sisebenze kanzima ukuze silondoloze intshiseko yethu. Kubalulekile ngathi ukuba sihlakulele ‘uthando esasinalo ekuqaleni.’ Lokho kuhilela ukufunda nokuzindla njalo ngeZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, futhi sisebenzise wonke amalungiselelo angokomoya “enceku ethembekile neqondayo.”—IsAm. 2:4; Math. 24:45; IHu. 119:97.
6 Njengoba iziprofetho zeBhayibheli zibonisa ngokucacile, usuku lukaJehova lokubhubhisa abantu abangamesabi lusondela ngokushesha. (2 Pet. 2:3; 3:10) Sinalokho engqondweni, masisebenze kanzima ekulondolozeni intshiseko yethu ngenkonzo, sibe nengxenye egcwele emsebenzini oqhubekayo njengamanje womhlaba wonke wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi!