“Vuthani Emoyeni”
1. Yisiphi isici okufanele sibonakale enkonzweni yethu?
1 Asikho isici senkonzo yethu yobuKristu okufanele singathuthuki. Kunalokho, sikhuthazwa ukuba, ‘sivuthe emoyeni futhi sibe yizigqila zikaJehova.’ (Roma 12:11) Nokho, kunezinto eziningi ezinganciphisa intshiseko yethu enkonzweni. ‘Singayivuthela kanjani njengomlilo’ intshiseko yethu ngenkonzo yoMbuso?—2 Thim. 1:6, 7.
2. Isifundo seBhayibheli somuntu siqu sihlangana kanjani nentshiseko enkonzweni?
2 Isifundo SeBhayibheli Somuntu Siqu: Umshumayeli woMbuso ophumelelayo uthanda umthetho kaNkulunkulu futhi amthinta ngokujulile amaqiniso awathola kuwo. (IHu. 119:97) Lapho sithola amagugu eBhayibheli phakathi nesifundo somuntu siqu, lokhu kushukumisa izinhliziyo zethu futhi kuvuthise intshiseko yethu. Ukuthanda uMlungiseleli wala maqiniso nesifiso sethu sokuhlanganyela izindaba ezinhle nabanye kusishukumisela ukuba sidumise uNkulunkulu futhi simemezele igama lakhe obala. (Heb. 13:15) Kuyacaca ukuthi ukushumayela izindaba ezinhle ngobuqotho kubonisa ukwazisa kwethu okujulile ngokubaluleka kwazo.
3. Umoya kaNkulunkulu ungaba naliphi ithonya enkonzweni yethu?
3 Thandazela Umoya KaNkulunkulu: Inkonzo ephumelelayo asinakuyifeza ngamandla ethu. Intshiseko eqotho ibangelwa ukugeleza komoya kaNkulunkulu. (1 Pet. 4:11) Ukusondela eMthonjeni ‘wamandla ashukumisayo’ kuyosiqinisa ngokomoya ukuze sifakaze ngesibindi. (Isaya 40:26, 29-31) Lapho umphostoli uPawulu ebhekene nokuphikiswa enkonzweni yakhe, ‘wathola usizo oluvela kuNkulunkulu.’ (IzE. 26:21, 22) Umoya ongcwele kaJehova oshukumisayo ungasisiza ukuba sivuthe enkonzweni yethu, ngakho kufanele siwuthandazele.—Luka 11:9-13.
4. Imiphi imiphumela emihle engabangelwa intshiseko, kodwa yini okufanele siyiqaphele?
4 Ngokuvamile intshiseko evuthayo yokushumayela ngoMbuso ibangela intshiseko eyengeziwe phakathi kwamaKristu esikanye nawo. (2 Kor. 9:2) Ensimini, abantu bangase basabele kakhudlwana esigijimini esethulwa ngomdlandla nangokuqiniseka. Kodwa, intshiseko kufanele ngaso sonke isikhathi ihambisane nokuhlakanipha nobumnene. (Thithu 3:2) Ngaso sonke isikhathi, sifuna ukumhlonipha umninikhaya futhi sihloniphe nelungelo lakhe lokuzikhethela.
5. Yimuphi umyalo ophefumulelwe okufanele silwele ukuwusebenzisa?
5 Njengabamemezeli boMbuso, sengathi singahlala ‘sivutha emoyeni.’ Masihlakulele intshiseko ngesifundo seBhayibheli somuntu siqu nangomthandazo ojulile kuJehova, ongasinikeza umoya ongcwele oshukumisayo. Ngale ndlela, singayifeza ngentshiseko inkonzo yethu ‘ngomoya ongcwele nangokuqiniseka.’—1 Thes. 1:5.