Sisebenzise Ngokunenzuzo Isikhathi Sakho Osichitha Enkonzweni
1 Kuningi ngempela okufanele kufezwe enkonzweni yethu, futhi isikhathi esisele sincane. (Joh. 4:35; 1 Kor. 7:29) Ngokuhlela kahle futhi kusenesikhathi, singasisebenzisa ngokunenzuzo isikhathi esihlele ukusichitha enkonzweni.
2 Lungiselela: Ngaphambi kokuba uye enkonzweni yasensimini, qiniseka ukuthi unazo izincwadi ozozidinga futhi ulungiselele nentshumayelo yakho. Ngemva kokuphethwa komhlangano wenkonzo yasensimini ngomthandazo qonda ngqo ensimini. Lokhu kuyokwenza ukuba wena kanye nalabo abasebenza nawe nifeze okwengeziwe ngangokunokwenzeka ngesikhathi eninaso senkonzo yasensimini.
3 Uma wabelwe ukuba uqhube umhlangano wenkonzo yasensimini, qala ngesikhathi. Wenze ube mfushane—ungeqi emizuzwini eyishumi kuya kwengu-15. Ngaphambi kokuba ulikhiphe iqembu, qiniseka ukuthi ngamunye uyazi ukuthi uzosebenza nobani nokuthi kuphi.
4 Lapho Usenkonzweni: Lapho uphela umhlangano wenkonzo yasensimini, musa ukuchitha isikhathi ngezinto ezingasho lutho, kodwa qonda ensimini. Uma uzosheshe ushayise, mhlawumbe ungenza amanye amalungiselelo ukuze lowo osebenza naye kungadingeki ukuba ashayise ngokushesha. Lapho nisebenza njengeqembu, cabangela abanye okungenzeka ukuthi balinde wena ukuba uqede ingxoxo. Lokho kungahilela ukunqamula ingxoxo ngokuhlakanipha nomuntu ofuna impikiswano noma uhlele ukubuyela ngesinye isikhathi kulowo onesithakazelo.—Math. 10:11.
5 Lapho wenza izimpindelo, ungagwema ukuhamba okungadingekile ngokuya ezimpindelweni ezisendaweni ethile ngaphambi kokuba udlulele kwenye indawo. Mhlawumbe ungabashayela ucingo abathile ukuze uzwe ukuthi bakhona yini ekhaya. (IzAga 21:5) Uma ubona ukuthi mhlawumbe uzohlala isikhathi eside empindelweni ethile, kungahlelwa ukuba iqembu lisebenze ngakuleyo ndawo noma lenze izimpindelo ezingakuleyo ndawo.
6 Siphila esikhathini sesivuno esikhulu esingokomoya. (Math. 9:37, 38) Ngokushesha lo msebenzi uzophela. Ngakho-ke, isifiso sethu kufanele kube ukusisebenzisa ngokunenzuzo isikhathi sethu lapho sisensimini.