IBhokisi Lemibuzo
◼ Yiziphi izincwadi ezimbili okufanele zifundwe nabantu abathakazelayo?
Incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli iyithuluzi lethu eliyinhloko lokuqala nokuqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya. Nakuba kungenaphutha ukusebenzisa enye incwadi njengepheshana elifanelekayo ekuqaleni isifundo seBhayibheli, kufanele senze umzamo wokushintshela encwadini ethi Okufundiswa IBhayibheli, ngokushesha ngangokunokwenzeka. Kuye kwaba nemiphumela eyingqayizivele ngokusebenzisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli ekuqaleni izifundo.
Lapho incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli isiqediwe futhi umfundi ethuthuka, ngokulandelayo kufanele kufundwe incwadi ethi Khulekela UNkulunkulu. (Kol. 2:7) Ikhasi 2 lichaza injongo yale ncwadi: “IBhayibheli likhuthaza bonke abathanda uNkulunkulu ukuba ‘baqonde ukuphakama nokujula’ kwamaqiniso akhe ayigugu. (Efesu 3:18) Le ncwadi ilungiselelwe ngaleyo njongo. Sithemba ukuthi iyokusiza ukhule ngokomoya futhi ukuhlomele kangcono ukuhamba endleleni ewumngcingo eya ekuphileni ezweni elisha likaNkulunkulu lokulunga.”
Uma umfundi ekufanelekela ukubhapathizwa engakaziqedi zombili lezi zincwadi, isifundo kufanele siqhubeke kuze kube yilapho incwadi yesibili isiqediwe. Nakuba umfundi esebhapathiziwe, umqhubi wesifundo angasibika isikhathi, impindelo, nesifundo seBhayibheli. Ummemezeli ohamba nomqhubi futhi abe nengxenye naye angasibika lesi sikhathi.