Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda Feb. 1
“Ucabanga ukuthi ibiyothinteka kanjani imikhaya uma ibingasebenzisa lesi seluleko? [Funda eyabase-Efesu 4:31 bese ulindela impendulo.] Lesi sihloko sinikeza ukusikisela okusebenzayo okuvela eBhayibhelini kokusingatha izingxabano ngendlela efanele nokulondoloza injabulo emshadweni.” Khulumela isihloko esiqala ekhasini 18.
Phaphama! Feb.
“Abantu abathile bakholelwa ukuthi uNkulunkulu usibambela amagqubu ngawo wonke amaphutha esiwenzayo. Abanye banomuzwa wokuthi uthethelela zonke izono, kungakhathaliseki ukuthi zimbi kangakanani. Ucabangani wena? [Lindela impendulo bese ufunda izEnzo 3:19.] Lesi sihloko sidingida izinyathelo ezintathu ezichazwe eBhayibhelini zokuthola isihe sikaNkulunkulu.” Khulumela isihloko esiqala ekhasini 10.
INqabayokulinda Mar. 1
“Ngingathanda ukuthola umbono wakho ngalo mBhalo owaziwayo. [Funda uJohane 3:16.] Wake wazibuza yini ukuthi ukufa komuntu oyedwa kungabangela kanjani ukuba abanye baphile baphakade? [Lindela impendulo.] Lo magazini unikeza incazelo ecacile futhi eyanelisayo ngokuphathelene nendlela esingazuza ngayo ekufeni kukaJesu.”
Phaphama! Mar.
“Ingabe ucabanga ukuthi zonke izinkolo zilungile? [Lindela impendulo.] Phawula lokho okushiwo yiBhayibheli ngokukhulekela kwabathile. [Funda uMarku 7:7.] Umuntu angazi kanjani ukuthi inkolo ethile ifundisa iqiniso hhayi ‘imiyalo yabantu’? Ingabe lingatholakala iqiniso elingokwenkolo? Lo magazini uphendula le mibuzo.”