Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 2/07 k. 8
  • Ongakusho Ngomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ongakusho Ngomagazini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Ongase Ukusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
km 2/07 k. 8

Ongakusho Ngomagazini

INqabayokulinda Feb. 15

“Abanye banomuzwa wokuthi abantu bonakalisa umhlaba. Uke uzikhathaze yini ngalokho? [Lindela impendulo.] Phawula lesi sithembiso esiqinisekisayo. [Funda isAmbulo 11:18.] Lo magazini ukhuluma ngesizathu esenza le planethi ibe yingqayizivele. Ubuye ubonise ukuthi iBhayibheli lithini ngekusasa lomhlaba.”

Phaphama! Feb.

“Ucabanga ukuthi yilesi sizathu yini esenza sibone izinkinga eziningi kangaka emhlabeni? [Funda eyoku-1 Johane 5:19, bese ulindela impendulo.] Lesi sihloko sibonisa ukuthi iBhayibheli lithi ungubani lo ‘omubi,’ futhi lisitshela nendlela esingagwema ngayo ithonya lakhe elinamandla.” Mbonise isihloko esiqala ekhasini 12.

INqabayokulinda Mar. 1

“Abantu abaningi bacabanga ukuthi zonke izinkolo ziholela kuNkulunkulu. Ucabanga ukuthi kunendaba ukuthi iyiphi inkolo umuntu ayikhethayo? [Lindela impendulo.] Qaphela okutuswa lapha. [Funda eyoku-1 Johane 4:1.] Lo magazini ukhuluma ngendlela esingahlola ngayo izimfundiso ukuze sibone ukuthi zivela kuNkulunkulu yini. Uchaza nokuthi zaqala kanjani izinkolo ezihlukahlukene.”

Phaphama! Mar.

“Ngokombono wakho, yiziphi ezinye zezinselele intsha ebhekene nazo namuhla? [Lindela impendulo.] Leli vesi liqokomisa inselele eyodwa—ukuba nohlobo oluhle lwabangane. [Funda izAga 13:20.] Lo magazini ukhuluma ngezingozi zokusebenzisa i-Internet ekutholeni abangane nendlela engavikelwa ngayo intsha.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela