Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 3/08 k. 1
  • Ukwakhana Lapho Sisenkonzweni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukwakhana Lapho Sisenkonzweni
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yiba Umsizi Omuhle Endlini Ngendlu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
  • Yiba Isikhuthazo Kohamba Naye Ensimini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
  • Londoloza Intshiseko Yakho Ngenkonzo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Siza Abanye Ukuba Babe Nekhono Ekusebenziseni IZwi LikaNkulunkulu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
km 3/08 k. 1

Ukwakhana Lapho Sisenkonzweni

1 Sonke siyakujabulela ukuthola “izwi elikhulunywe ngesikhathi esifanele” elikhuthazayo. (IzAga 25:11) Lapho sisebenza nabanye enkonzweni, singaqiniseka kanjani ukuthi izingxoxo zethu ziyakhuthaza?

2 Izingxoxo Ezakhayo: Yeka indlela okukhuthaza ngayo ukuhlanganisa izinto ezingokomoya ezingxoxweni zethu lapho sisemsebenzini wokushumayela! (IHu. 37:30) Singase sikhulume ngentshumayelo yethu noma silandise imibiko ekhuthazayo yasensimini esiyijabulele muva nje. (IzE. 15:3) Ingabe likhona iphuzu elithakazelisayo esilithole lapho sitadisha iBhayibheli, komagazini bamuva, noma emhlanganweni webandla? Singase sixoxe ngamaphuzu ethulwe enkulumweni yeningi esiyizwe muva nje eHholo LoMbuso.

3 Singase sidumale lapho umninikhaya ephakamisa impikiswano esingakwazi ukuyinqoba. Kungasizuzisa ukuzinika ithuba ngemva kokuphuma kulowo muzi ukuxoxa nomuntu esisebenza naye ngendlela esingasingathwa ngayo isimo esinjalo esikhathini esizayo, mhlawumbe ngokuhlola incwadi Ukubonisana. Uma kukhona esikuthandile ngentshumayelo yomuntu esihamba naye, ukumncoma ngobuqotho kungase kube yisikhuthazo esihle.

4 Thatha Isinyathelo Kuqala: Ingabe bakhona abathile eqenjini lethu lesifundo sencwadi osekuyisikhashana singasebenzi nabo? Ukubamema ngokuqondile ukuba bahambe nathi enkonzweni kungase kuphumele ‘ekukhuthazaneni.’ (Roma 1:12) Amaphayona avamile nasizayo ayakujabulela ukuba nabanye angasebenza nabo, ikakhulukazi ekuseni noma ntambama, lapho kunabamemezeli abambalwa abahlanganyela enkonzweni. Singasekela amaphayona ngokuzenza sitholakale. Ingabe ukhona ummemezeli ogulayo onempilo emlinganiselayo kulokho akwazi ukukwenza enkonzweni? Ukuhlela ukuba ahambe nathi, mhlawumbe lapho siyoqhuba isifundo seBhayibheli, kungase kuzuzise.—IzAga 27:17.

5 Ukunconywa nokubongwa kuyakhuthaza njalo, ngisho nasezintweni ezincane. Kufanele sikukhumbule lokho lapho sisebenza nabanye enkonzweni, ngoba sifuna ‘ukuqhubeka sakhana.’—1 Thes. 5:11.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela