Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 1/14 k. 2
  • Yiba Isikhuthazo Kohamba Naye Ensimini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yiba Isikhuthazo Kohamba Naye Ensimini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yiba Umsizi Omuhle Endlini Ngendlu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
  • Ukwakhana Lapho Sisenkonzweni
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • Ukusiza Abanye Lapho Sisenkonzweni Yasensimini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Londoloza Intshiseko Yakho Ngenkonzo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
km 1/14 k. 2

Yiba Isikhuthazo Kohamba Naye Ensimini

1. Singasilingisa kanjani isimo sengqondo somphostoli uPawulu lapho sihamba nabanye ensimini?

1 Umphostoli uPawulu wayebheka isikhathi ayesichitha nakholwa nabo njengamathuba ‘okukhuthazana.’ (Roma 1:12) Lapho uhamba nomunye ummemezeli ensimini, ingabe uyasisebenzisa leso sikhathi ukuze umkhuthaze futhi umsize? Kunokuba uzithulele ungasho lutho, kunganjani umxoxele ngezinto ezakusiza waba ummemezeli ophumelelayo.

2. Singakukhulisa kanjani ukuzethemba komuntu esihamba naye ensimini, futhi kungani lokhu kubalulekile?

2 Menze Azethembe: Abanye abamemezeli abazethembi futhi lokho kungase kubonakale ebusweni nasezwini labo. Singakukhulisa ukuzethemba kwabo ngokubancoma ngobuqotho. Yiziphi ezinye izindlela zokubenza bazethembe? Omunye umbonisi ojikelezayo utshela umuntu ahamba naye ensimini ngezinto ezimethusayo nendlela athandaza ngayo njalo ecela usizo lokunqoba leyo mizwa. Omunye umzalwane washo lokhu mayelana nalokho okumsiza ukuba azethembe: “Ngiqala ngokumomotheka. Ngezinye izikhathi kudingeka ngithandazele usizo ukuze nje ngimomotheke.” Ingabe kukhona okukusizile ukuze uzethembe ngokwengeziwe ensimini? Xoxela ohamba naye ensimini.

3. Yini esingayitshela esihamba naye engamsiza aphumelele kakhudlwana enkonzweni yakhe?

3 Mtshele Amacebiso Awusizo: Ingabe ikhona indlela elula nephumelelayo yokuqala ingxoxo oyisebenzisayo—umusho othile, umbuzo noma isenzakalo sasendaweni? Ingabe ikhona imiphumela emihle oyithole ngokubeka intshumayelo esikiselwe ngamazwi akho? Xoxela ohamba naye. (IzAga 27:17) Lapho uya empindelweni, ungatshela ohamba naye ngalokho ofuna ukukufeza kuyo nendlela ozokufeza ngayo. Ngemva kwesifundo seBhayibheli, ungachaza ukuthi kungani ukhethe iphuzu, umBhalo noma indlela ethile yokufundisa ukuze usize umfundi.

4. Kungani kufanele sibe nesithakazelo ekusizeni abavangeli esikanye nabo?

4 Abavangeli bangekhulu lokuqala abagcinanga ngokusiza abangakholwa. Babona nokubaluleka kokukhuthazana nokuqinisana. (IzE. 11:23; 15:32) Umphostoli uPawulu waqeqesha uThimothewu osemusha futhi wamkhuthaza ukuba lokho akufundile akudlulisele nakwabanye. (2 Thim. 2:2) Uma singakukhohlwa ukwenza okuhle kumaKristu esikanye nawo lapho sisenkonzweni, asandisi nje kuphela injabulo nokuphumelela kwawo kodwa sijabulisa noBaba wethu osezulwini.—Heb. 13:15, 16.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela