Yiba Umsizi Omuhle Endlini Ngendlu
1. Yiziphi izinzuzo zokusebenza nothile enkonzweni?
1 Ngesinye isikhathi, uJesu wathuma abafundi abangu-70 ukuba bayoshumayela, futhi ‘wabathuma ngababili.’ (Luka 10:1) Akungabazeki ukuthi leli lungiselelo lenza ukuba abafundi bakhe basizane futhi bakhuthazane lapho beshumayela. Lapho sihamba nomunye ummemezeli enkonzweni, singamsiza kanjani?
2. Lapho ummemezeli esihamba naye eshumayela, kufanele silalele kanjani futhi kungani?
2 Ngokulalela: Lalelisisa njengoba ohamba naye eshumayela. (Jak. 1:19) Uma efunda umBhalo, nawe uphenye eBhayibhelini lakho. Mbheke umuntu okhulumayo, kungakhathaliseki ukuthi ummemezeli ohamba naye noma umninikhaya. Uma ulalelisisa ingxoxo, lokhu kungamkhuthaza umninikhaya ukuba enze okufanayo.
3. Kunini lapho esihamba naye engajabula uma sisho okuthile?
3 Ngokukhuluma Ngesikhathi Esifanele: Lapho esihamba naye eshumayela, siyamhlonipha ngokumvumela ukuba ahole engxoxweni. (Roma 12:10) Kufanele sigweme ukuphazamisa. Uma ekhohlwa iphuzu lakhe noma umninikhaya ephikisa noma ebuza umbuzo futhi esihamba naye ecela usizo, sizama ukunezela kulokho abekusho esikhundleni sokuqala ingxoxo ehlukile. (IzAga 16:23; UmSh. 3:1, 7) Uma sikhuluma, amazwi ethu kufanele anezele entshumayelweni eyethulwayo.—1 Kor. 14:8.
4. Yini eyosilethela injabulo nempumelelo enkonzweni?
4 Lapho abafundi abangu-70 sebeqedile ukushumayela, “babuya bejabula.” (Luka 10:17) Nathi siyojabula futhi siphumelele enkonzweni uma silalela futhi sikhuluma ngesikhathi esifanele lapho sisiza esihamba nabo enkonzweni yendlu ngendlu.