“Bekani Ijoka Lami Phezu Kwenu”
1 Ezweni eligcwele izingcindezi nokukhathazeka, siye sathola impumuzo yangempela ngokwamukela isimemo sikaJesu sothando ukuze sithole ukuqabuleka ngaphansi kwejoka lakhe. (Math. 11:29, 30) Ukwamukela ijoka lokuba umfundi kuhlanganisa ukwenza umsebenzi ongeyona nje inselele kodwa futhi oqabulayo. Kuhilela ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso nokusiza abanye ukuba bathole ukuqabuleka kanye nathi ngaphansi kwejoka likaJesu lomusa.—Math. 24:14; 28:19, 20.
2 Ukuqabuleka Okutholakala Enkonzweni: UJesu akazange acele abalandeli bakhe ukuba banezele umthwalo wakhe kulowo abase bewuthwele kakade. Wabamema ukuba balahle imithwalo yabo enzima ukuze bamukele owakhe olula. Asisasindwa izinkathazo nokuphelelwa ithemba kwalesi simiso sezinto; futhi asisakhandlekeli ingcebo engaqinisekile. (Luka 21:34; 1 Thim. 6:17) Nakuba simatasa futhi kumelwe sisebenze ukuze sithole izinto esizidingayo nsuku zonke, ukuphila kwethu kugxile ekukhulekeleni uNkulunkulu. (Math. 6:33) Ngaso sonke isikhathi siyothola ukuthi inkonzo iyaqabula, ayiwona umthwalo, uma silondoloza umbono ofanele ngalokho okubaluleke kakhulu.—Fil. 1:10.
3 Ngokwemvelo, siyakujabulela ukuxoxa ngezinto esizithandayo. (Luka 6:45) Wonke amaKristu amthanda ngokujulile uJehova nezibusiso zoMbuso azithembisile. Ngakho, yeka ukuthi kuqabula kanjani ukukhuluma ‘ngezindaba ezinhle zezinto ezinhle’ nokukhohlwa izinkathazo zethu zansuku zonke lapho sisenkonzweni! (Roma 10:15) Yiqiniso, lapho siqhubeka senza okuthile, siba ochwepheshe futhi sithola injabulo eyengeziwe. Ngakho-ke, uma sikwazi, ukunikela isikhathi esengeziwe enkonzweni kuyosiqabula nakakhulu. Yeka ukuthi kuqabula kangakanani uma abantu besilalela lapho sishumayela! (IzE. 15:3) Ngisho siphikiswa noma singanakwa, inkonzo iyosilethela ukuqabuleka okungokomoya uma sikhumbula ukuthi imizamo yethu ijabulisa uJehova nokuthi noma imiphi imiphumela emihle iyolethwa yisibusiso sakhe.—IzE. 5:41; 1 Kor. 3:9.
4 Ngokwamukela isimemo sikaJesu, sijabulela ilungelo lokukhonza kanye naye njengoFakazi BakaJehova. (Isaya 43:10; IsAm. 1:5) Ayikho into engasiqabula njengaleyo!