Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda May 1
“Ukwanda kwezinhlekelele zemvelo osukwini lwethu kuye kwenza abanye bazibuza ukuthi uNkulunkulu uyasijezisa yini. Ucabangani? [Lindela impendulo bese ufunda eyoku-1 Johane 4:8.] Lesi sihloko sichaza ukuthi kungani uNkulunkulu engenacala ngokuhlupheka okubangelwa yizinhlekelele zemvelo.” Khulumela isihloko esisekhasini 30.
Phaphama! May
Funda uMathewu 6:10. Yibe usubuza: “Ingabe wake wazibuza ukuthi iyini intando kaNkulunkulu ngomhlaba? [Lindela impendulo.] Ngokusho kweBhayibheli, uNkulunkulu wayenenjongo ngomhlaba kusukela ekuqaleni futhi leyo njongo ayikashintshi. Lesi sihloko siyachaza.” Khulumela isihloko esiqala ekhasini 10.
INqabayokulinda June 1
“Enye yezindaba ezaziwa kakhulu eBhayibhelini ekaNowa neSikhukhula. Ingabe ucabanga ukuthi iSikhukhula saba khona ngempela? [Lindela impendulo.] Kuyathakazelisa ukuthi uJesu wakhuluma ngalesi senzakalo njengento engokoqobo. [Funda uLuka 17:26, 27.] Lo magazini usinika izizathu zokukukholelwa ukulandisa okuphathelene neSikhukhula futhi uchaza izifundo ezibalulekile esingazifunda kuso.”
Phaphama! June
“Kunzima ukukhulisa izingane, ikakhulukazi uma ingane isithomba futhi kuba noshintsho olukhulu. Ucabanga ukuthi abazali bangasitholaphi iseluleko esinokwethenjelwa? [Lindela impendulo bese ufunda u-Isaya 48:17, 18.] Lo magazini unikeza ukusikisela kwamuva ukuze kusizwe abazali benze ngokuhlakanipha nokuqonda.”