Ongase Ukusho Ngomagazini
INqabayokulinda Aug. 15
“Ukwethembeka kubani obungakubheka njengokwethembeka okukhulu kakhulu? [Lindela impendulo.] Lesi sihloko siqokomisa ukwethembeka kuNkulunkulu weqiniso. [Phenya ekhasini 5, ufunde eyesi-2 Samuweli 22:26.] Bewazi yini ukuthi ukwethembeka kuNkulunkulu kungavimbela abantu ukuba baphathe abanye ngendlela engenaluthando? Ngiyazi ukuthi uyokujabulela ukufunda ngale ndaba.”
INqabayokulinda Sept. 1
“Uphawulile yini ukuthi ezindaweni eziningi omakhelwane abasazani ngendlela okwakungayo ngaphambili? [Lindela impendulo.] UJesu wanikeza isimiso esibaluleke kakhulu ekubeni umakhelwane omuhle. [Funda uMathewu 7:12.] Lezi zihloko zibonisa ukuthi singaba kanjani omakhelwane abahle futhi sikhuthaze nabanye ukuba benze okufanayo.”
Phaphama! Sept. 8
“Wake wakhathazeka yini ngokuthi indlela abantu abawungcolisa ngayo umhlaba ayilawuleki? [Lindela impendulo.] Imbangela eyinhloko yale nkinga ukusaphaza. UJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba bangasaphazi. [Funda uJohane 6:12.] Lo magazini ubonisa indlela ukulandela izimiso zeBhayibheli okungasiza ngayo imikhaya ukuba igweme isimo sengqondo sokusaphaza.”
“Kubantu abaningi namuhla, ukuphila kugcwele ukungaqiniseki. [Funda umShumayeli 9:11.] Singatholakalaphi isiqondiso esinokwethenjelwa? [Lindela impendulo.] Abanye bathi ukubhula ngezinombolo kungasiqondisa. Ingabe le yindlela ikusasa lakho elingembulwa ngayo? Yikuphi lapho ungase ubheke khona ukuze uthole ukwaziswa okunokwethenjelwa ngekusasa? I-Phaphama! inikeza izimpendulo.”