Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda Sept. 1
“Ucabanga ukuthi singasithola kubani isiqondiso esihle lapho kufanele senze izinqumo ezibalulekile? [Lindela impendulo bese ufunda izAga 3:5, 6.] Lesi sihloko sigcizelela ukuhlakanipha okuvela phezulu kokucabanga ngemiphumela ngaphambi kokwenza izinqumo.” Khulumela isihloko esisekhasini 8.
Phaphama! Sept.
“Ingabe ucabanga ukuthi uNkulunkulu wayehlose ukuba abantu bahlupheke ngenxa yokuswela ukudla okukhungethe umhlaba? [Lindela impendulo.] Phawula indlela ahlose ukuxazulula ngayo le nkinga. [Funda iHubo 72:16.] Lesi sihloko sichaza indlela uNkulunkulu azolibuyisela ngayo iPharadesi emhlabeni.” Khulumela isihloko esisekhasini 7.
INqabayokulinda Oct. 1
“Kulezi zikhathi eziguquguqukayo, abantu abaningi bayakhathazeka ngekusasa. Yini ekusiza ukuba ulondoloze ithemba lokuhle? [Lindela impendulo.] Phawula lesi sithembiso seBhayibheli. [Funda u-Isaya 65:17.] Lo magazini unikeza izizathu ezizwakalayo zokuba nethemba lekusasa elihle.”
Phaphama! Oct.
“I-Internet iyithuluzi eliwusizo kakhulu, kodwa iletha izingozi ezinkulu kubantwana. Ucabanga ukuthi singabavikela kanjani? [Lindela impendulo.] Ngicela uphawule leli phuzu. [Funda umbhalo wezAga 18:1 bese uwukhulumela.] Lesi esinye sezimiso zeBhayibheli eziyisithupha ezichazwe kulesi sihloko ezingasiza abazali ukuba bavikele izingane zabo.” Khulumela isihloko esisekhasini 8.