Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda Sept. 15
Yisho udaba olusematheni olukhathaza abantu endaweni yakini. Yibe usubuza: “Ucabanga ukuthi lo mBhalo uzichaza kahle izikhathi esiphila kuzo? [Funda eyesi-2 Thimothewu 3:1 bese ulindela impendulo.] Lesi sihloko sikhuluma ngobufakazi obubonisa ukuthi siphila ezinsukwini zokugcina, sibonise nokuthi yini okufanele siyenze.”
Phaphama! Sept.
“Abantu abaningi banomuzwa wokuthi sadalwa. Abanye bathi saba khona ngenqubo yokuziphendukela kwemvelo. Wena uthini? [Lindela impendulo.] Ake uzwe ukuthi lo mBhalo usikiselani futhi ungasisiza sifike esiphethweni esifanele. [Funda uJobe 12:7, 8.] Lo magazini okhethekile we-Phaphama! udingida lokho esingakufunda ngokuhlakanipha nokuklanywa kwendalo.”
INqabayokulinda Oct. 1
“Izazi zezinto eziphilayo zizama ukuqeda izifo, zenze abantu baphile isikhathi eside. Ucabanga ukuthi kuyoke kwenzeke ukuba siphile phakade? [Lindela impendulo.] Yizwa isizathu esenza sifise kangaka ukuphila isikhathi eside. [Funda umShumayeli 3:11.] Lo magazini uchaza isizathu esénza uNkulunkulu wasidala saba nesifiso sokuphila phakade.”
Phaphama! Oct.
“Cishe wonke umuntu uyakuthanda ukubuka ithelevishini. Kodwa ucabanga ukuthi kufanele sizikhethe izinto esizibukayo? [Lindela impendulo bese ufunda izAga 13:20.] Lo magazini uchaza indlela ithelevishini esithonya ngayo, futhi unikeza ukusikisela kokuthi singayilawula kanjani.”