Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda Sept. 15
“Kulezi zinsuku abanye banomuzwa wokuthi bavaleleke emishadweni engasenalo uthando. Abantu abanjalo bangalutholaphi usizo? [Lindela impendulo.] IBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi izimiso zikaNkulunkulu zingasisiza. [Funda u-Isaya 48:17, 18.] Le Nqabayokulinda ikhuluma ngezimiso zeBhayibheli ezingawuqinisa umshado.”
INqabayokulinda Oct. 1
“Ingabe wake wabuza ukuthi uma uNkulunkulu enothando futhi enamandla onke, kungani engangeneli asize labo abahluphekayo? [Lindela impendulo.] Ngokushesha uzoziqeda zonke izinkinga. [Funda u-Isaya 65:17.] Okwamanje, uNkulunkulu akabukele nje engenandaba sihlupheka, njengoba lo magazini ubonisa.”
Phaphama! Oct. 8
“Liyasimangalisa ikhono lokukhulumisana izilwane ezinalo. Kodwa bewazi yini ukuthi ezicini ezithile asikho isidalwa esifana nomuntu? [Lindela impendulo bese ufunda iHubo 65:2.] Ngokungafani nezilwane, thina sifisa ukukhuluma noNkulunkulu. Lo magazini ukhuluma ngendlela esingakwazi ngayo ukukhulumisana kahle nabantu nanoNkulunkulu.”
“Uke wezwa yini ukuthi abalimi bakuthola kunzima ukuqhubeka beziphilisa ngokulima? [Lindela impendulo.] Le Phaphama! ikhuluma ngale nkinga nangesithembiso seBhayibheli sokuthi kuza izikhathi ezingcono. [Funda iHubo 72:16.] Uma ngibuya ngingathanda ukukuchazela indlela uNkulunkulu azokwenza ngayo lokhu.”